UKomphela ubambe umoya

Isolezwe - - IMIBONO - ZAKHELE XABA

UBAMBE umoya ngezithenjwa ezilimele umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve “Mphathi” Komphela, osethubeni lokuvalelisa ngendebe yeNedbank eNaturena.

UKomphela, osekucacile ukuthi ngeke isavuselelwa inkontileka yakhe kwiChiefs ekupheleni kwesizini ka-2017/2018, usenalo ithuba lokuvala ihlazo. Useqede amasizini amabili nesigamu engawini lutho kwiChiefs phezu kokufinyelela kowamanqamu wezindebe ezahlukene kabili. IChiefs iphumile embangweni wesicoco seligi osusele phakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. UKomphela, ophume kanzima abalandeli besho ukumudla luhlaza eFNB Stadium behlulwa yiChippa ngo 3-0, unethuba lokuthoba amanxeba abalandeli ngokuwina iNedbank. IChiefs izobhekana neFree State Stars emdlalweni owandulela owamanqamu ozoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.

UKomphela ubambe umoya ngezitobha uRamahlwe Mphahlele odonseke umsipha, Erick Mathoho noTeenage Hadebe olimele iqakala ebezingekho ngesikhathi behlula iPlatinum Stars ngo 1-0 eFNB Stadium ngeSonto koweligi. Zonke zilimale emdlalweni neChippa. UKomphela uphoqekile ukudlalisa uTsepo Masilela owagcina ukudlala ngo-Agasti nyakenye.

“Bekukade kuyithuba lalabo abangajwayele ukudlala.UTsepo angazi nokuthi wagcina, cishe ubengaphandle isizini yonke. Kodwa ngesikhathi simdlalisa bekungekho ebesingakwenza. UNgezana ubenazo iziwombe ezingezinhle kodwa ngithemba ukuthi uzofunda emaphutheni akhe. URama, Tower noTeenage balimele. Sithemba ukuthi bazobuya laba badlali ngaphambi komdlalo wangempelasonto. Ngithemba ukuthi ukuwina kwiPlatinum kuzonyusa ukuzethemba kubadlali ngaphambi komdlalo wangempelasonto,” kusho uKomphela.

Nakuba kuvelile obekudingidwa emhlanganweni odonse amahora amahlanu obizwe eNaturena ngemuva kokuthi iChiefs ihlulwe yiChippa kodwa uKomphela unqabile ukuphumela obala ngokuthi kukhulunyiwe yini ngekusasa lakhe.

Mayelana nokuqoqa amaphuzu amathathu kwiDikwena, uKomphela uthe bahlulekile ukubamba umgqigqo.

“Umdlalo wethu ubungemuhle ikakhulukazi esiwombeni sokuqala. Bebengasivumeli ukuthi sidlale esiswini. Esiwombeni sesibili kube ngcono. Bekukhona umgqigqo kancane. Ngicabanga ukuthi ukuwina kuzolisiza iqembu lithole ukuzethemba, lidlule ebuhlungwini. Bekudingeka siqaphele ngoba leli qembu lingakulimaza. Ngokwamathuba esiwatholile ngikholwa ukuthi bekufanele sishaye amagoli amabili noma amathathu kodwa sijabule ngomphumela,” kusho uKomphela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.