Umqeqeshi wePirates ucasha ngesithupha

Isolezwe - - IMIBONO - MINENHLE MKHIZE

ukuthi sikuphi. Okuzokwenzeka sizokuthatha njengoba kunjalo, siqhubekele phambili.”

UCASHA ngesithupha namanje ngesicoco se-Absa Premiership umqeqeshi we-Orlando Pirates uMulitin “Micho” Sredojevic.

Ngempelasonto eZimnyama zithele othulini AmaZulu FC ngo 2-1 emdlalweni weligi obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

Amagoli eBucs abaselwe enethini nguThabo Qalinge noMusa Nyatama kwathi elokubika loSuthu labhakuziswa enethini nguMabhudi Khenyeza.

Ngokuqoqa amaphuzu amathathu eZimnyama zinciphise igebe phakathi kwazo neMamelodi Sundowns eqhwakele. IBucs isisele ngamaphuzu amathathu kwiSundowns.

Abafana Ba Style banamaphuzu angu-52 ngemuva kwemidlalo engu26 kanti eZimnyama seziqoqe angu49 ngemuva kwemidlalo engu-27.

Namuhla ngo-7.30 ebusuku, iSundowns izothola ithuba lokunweba igebe phakathi kwayo nePirates uma isitholana phezulu neLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.

UMicho akazange ayingene eyokukhuluma ngesicoco seligi ngemuva komdlalo.

“Abantu bakhuluma ngombango wesicoco seligi, okokuqala nje engifisa ukuphawula ngakho wukuthi sinesonto elilodwa lokulungiselela umdlalo wethu olandelayo neBidvest Wits. Sinezinsuku ezingu-10 ngaphambi kokuthi sidlale nabo. Sifuna ukuzisebenzisa ngendlela lezi zinsuku ngokuthi siphumule siphinde siqinise amabhawodi axegayo eqenjini ngokuthi sihlaziye okuhambe kahle nokungazange kuhambe kahle ukuze sibe yiqembu elingcono emidlalweni yethu emithathu yokugcina,” kusho uSredojevic.

Lo mqeqeshi odabuka eSerbia ufike kweZimnyama ekuqaleni kwesizini. Uthathe izintambo kuKjell Jonevret.

“Ngineme ngokuthi amaphuzu amathathu akwazi ukusisiza ekutheni sithathe igxathu eliya phambili ngesifiso sethu sokudlala kwiCAF Champions League. I-Afrika ilinde i-Orlando Pirates. Asinalo-ke ilungelo lokukhuluma ngezinye izinto ngaphandle komdlalo weWits. Konke esikwenzayo kugxile kwiWits,” kusho uSredojevic.

Sekuphele iminyaka iPirates yagcina ukunqoba isicoco. Igcine ukuphakamisa indebe yeNedbank Cup ngo-2014.

“Ngifisa ukubonga abalandeli bethu ngendlela abaseseke ngayo (eThekwini). Abafana bami sebekhombisile ukuthi kusho ukuthi ukugqoka ijezi elinebheji lePirates. Bakhombise inhlonipho kubalandeli abebehambele umdlalo nabebewuthamele kwithelevishini. Bazinikele ngakho konke. Ukuzinikela kwabo kuthele izithelo ngegoli likaQalinge. Ngifuna ukuncoma ukulwa kweqembu lami. Iqembu liyakhula. Ngiyaziqhenya futhi ngiyazigqanja ngokuba ngumqeqeshi waleli qembu. Bonke abadlali bayazinikela. Ngiyacabanga ukuthi siphumelele ekwenzeni isiqiniseko sokuthi abalandeli bethu bayajabula,” kusho uSredojevic.

Emidlalweni emithathu yokugcina iPirates izodlala neWits, Cape Town City neFree State Stars kanti iSundowns izodudulana neLamontville Golden Arrows, Ajax Cape Town, Maritzburg United neBloemfontein Celtic.

Isithombe: BACKPAGEPIX

UMILUTIN Sredojevic opheka i-Orlando Pirates usayibalekela eyokuphawula ngombango wesicoco seligi

Isithombe: BACKPAGEPIX

tars akazimisele ukuphosa a Premiership

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.