UPhala ubona iSSU izofunda isifundo ngesimo ekusona

Isolezwe - - IMIBONO - ZAKHELE XABA

esuka kwiLokeren yaseBelgium ekuqaleni kwesizini. Useshaye amagoli amahlanu wakha amane kodwa ukungaziphathi kahle nokuzimuka yikhona okugqame kakhulu kunalokhu aqashelwe khona. UMDLALI wasesiswini weSuperSport United, uThuso Phala (osesithombeni), ukholwa wukuthi isimo abazithola bekuso kule sizini sizoba yisifundo kubaphathi beqembu ngokufanele bakwenze uma leli qembu lihamba ibanga elide kwiCaf Confederation Cup.

ISuperSport ilengelwa yizembe kwi-Absa Premiership isendaweni ka-14 kwi-log. Kusukela idlale owamanqamu weConfederation Cup ngasekupheleni konyaka odlule ayikaze ibuyele ezingeni eyaziwa ngalo. Ukubhimba kwezinto kuholele ekutheni ihlukane nomqeqeshi u-Eric Tinkler okuvele ukuthi bebungasebuhle ubudlelwano phakathi kwakhe nabadlali. ISuperSport ingompetha beMTN8 bale sizini.

UPhala uthe ukufuna ukwenza kahle kwiConfederation nokuvika izembe, kunzima. Amatsatsantsa azokwamukela iGor Mahia yaseKenya emdlalweni womlenze wesibili weConfederation Cup ozoba seLucas Moripe Stadium, ePitoli, kusasa ngo-7 ebusuku. Kufanele aphendule amatafula kwazise alandela emuva ngo 1-0.

“Isimo esikuso sixube injabulo nosizi ngoba sifuna ukwenza kahle kwiCaf kodwa akusizi ngokwesimo esikuso kwiligi ngenxa yabadlali esibabhalisile kwiConfederation Cup. Kukhona abaye eKenya, sihambe nabadlali abangu-15, sabuya sazodlala ne-Orlando Pirates. Yisimo esinzima. Kodwa ngabadlali esinabo siyazi ukuthi kufanele silwe kuwona wonke umdlalo esiwudlalayo. Sekusele imidlalo emithathu kwiligi ngakho kufanele sifake umfutho ukuze sivike izembe,”kusho uPhala. “Kunzima eqenjini futhi kuyinto entsha ukuzithola kule ndawo. Kodwa iqembu liyakuqonda ukuthi azoba khona amasizini afana nalena. Abanye bangathi sibe nesizini embi kodwa siwine indebe sadlala kowamanqamu weCaf futhi sinethuba lokuqeda kwi-Top 8. Kunzima kithina ngenxa yokungaphumuli nangesibalo sabadlali esibabhalisile kwiCaf.”

ISuperSport idinga ukushaya amagoli amabili, ingangenelwa lutho ukuze idlulele esigabeni samaqoqo eConfederation Cup. Kowomlenze wokuqala umqeqeshi, uKaitano Tembo, unqume ukuphumuza abanye babadlali okukhona kubona uReneiwe Letsholonyane.

“Umqhudelwano weCaf ubalulekile kithina ngoba usiza ekukhuleni kwabadlali abasebancane. Abadlali abafana noTebogo Mokoena noSipho Mbule bagqame kuwo lo mqhudelwano.”

Isithombe: BACKPAGEPIX

Town City osolwa ngokuba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.