UTau kusafanele aqine ukhakhayi: Lefalafala

Isolezwe - - IMIBONO - ZAKHELE XABA

IMENENJA yesiklwibhisi seMamelodi Sundowns, uPercy Tau, ikholwa wukuthi nakuba umqeqeshi uPitso Mosimane efuna siyodlala kumaligi aphezulu emhlabeni kodwa kufanele siqale kulawo ayisitebhisi ukuqinisa ukhakhayi.

UMmatsatsi Lefalafala ubhekwe yiNingizimu Afrika yonke ukuthi atholele uTau iqembu phesheya kwezilwandle ekupheleni kwesizini ka-2017/2018. Ngesizini edlule uMosimane ulimise ngesihloko elokuthi uTau akakalungeli ukuyodlala phesheya kwezilwandle. Nokho kusukela kuqale eka2017/2018 lo mqeqeshi ukhuluma eyokuthi ufuna ayodlala kumaligi aphezulu okukhona kuwo eyaseEngland, i-English Premier League, neyaseSpain, iSpanish La Liga, ngoba abasekho abadlali baseNingizimu Afrika abadlala kuwona.

“Ngiyavumelana nomqeqeshi ngakolunye uhlangothi uma ethi uPercy kufanele ayodlala kumaligi amakhulu emhlabeni. Kodwa ngikholwa wukuthi kufanele kube khona lapho eqala khona. Inqobo nje uma kuyiqembu elidlala kwi-UEFA Champions League lapho ezothola khona ithuba lokuzibonakalisa futhi aneliseke ukuba kulelo zinga,”kusho uLefalafala.

“Ngokwami udinga ukudlala kwiligi ezoba yisitebhisi sokuya kumaligi amakhulu ukuze athi uma efika kuwo abe esekulungele ukudlala khona ngokomqondo nangokomzimba. Lokhu kuzomsiza ukuthi amelane nengcindezi yokudlala kumaligi amakhulu. Kodwa ngiyavumelana nomqeqeshi ukuthi uPercy ufanelwe ukuyodlala kumaligi amakhulu kodwa hhayi ngokushesha. Amaligi anjengeyaseBelgium, France neyasePortugal ngikholwa wukuthi angaba yisitebhisi esihle kuPercy. Nokho okwamanje ngeke ngikwazi ukudalula ukuthi uzohamba nini ngenxa yezizathu ezaziwayo.”

Nakuba uLefalafala engaphumelanga obala ngokuhamba kukaTau ekupheleni kwesizini kodwa uzakwabo, uTiyani Mabunda, uthe akaboni ezoba nabo ngesizini ezayo. UMabunda ubekhuluma ohlelweni lwethelevishini iThursday Night with Robert Marawa. Uthe uzobuya ezodansa kulolu hlelo ekupheleni kwesizini avalelise uTau ongumdansi ohamba phambili kwiSundowns.

“Ngibona kuyisizini yakhe yokugcina enathi kwiSundowns. Ngifisa uMdali amvulele indlela ayobonakalisa ikhono lakhe phesheya,” kusho uMabunda.

UTau usethubeni lokuwina umklomelo womdlali ovelele kwiPremier Soccer League (PSL), iPSL Footballer of The Season, ekupheleni kwesizini. nowomdlali oshaye amagoli amaningi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.