U-Ofori utusa ukubambisana

Isolezwe - - ISOLEDISKI - MINENHLE MKHIZE

UNOZINTI weMaritzburg United, uRichard Ofori, akafuni kugqanyiswe yena ngokwenza kahle kweTeam of Choice ebalwa namaqembu asadedele amagoli amancane kwiAbsa Premiership kule sizini.

Lo nozinti odabuka eGhana usephenduke isithenjwa kwiTeam of Choice ayijoyine ekuqaleni kwesizini. I-United ibambene neKaizer Chiefs endaweni yokuqala emaqenjini asadedele amagoli amancane emidlalweni yeligi kule sizini.

Womabili la maqembu asadedele amagoli angu-18 emidlalweni engu-27 yeligi. U-Ofori usevimbe imidlalo engu24.

Kule midlalo u-Ofori uphume enkundleni engazange adedele nelilodwa igoli amahlandla angu-12. Amaqembu asahlulwe wukushayela u-Ofori amagoli kule sizini yiBaroka FC kabili, SuperSport United, AmaZulu, Free State Stars, Bloemfontein Celtic, Lamontville Golden Arrows, Polokwane City, Chippa United ne-Orlando Pirates.

U-Ofori utshele Isolezwe ukuthi akafuni kugqanyiswe yena yedwa ngokwenza kahle kwezakhe.

“Iqembu yilona engilibeka phambili. Ngaso sonke isikhathi ngihlale ngilangazelele ukusiza iqembu ekutheni lenze kahle. Ozakwethu yibona abangisizile ngakwazi ukusheshe ngijwayele. Benze izinto zabalula kimina. Impumelelo yethu ingenxa yokubambisana. UMdali ngeke ngamshiya ngaphandle ngoba ubambe elikhulu iqhaza ekutheni ngibe lapho engikhona njengamanje. Uma efuna ngilimale ngingalimala kodwa uyangivikela,” kusho u-Ofori.

Lo nozinti kungenzeka afakwe ohlwini lwabadlali abathathu ongase kuqokwe kubona unozinti ovelele uma sekuphela isizini. Kulindeleke ukuthi abange lo mklomelo no-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs noDenis Onyango weMamelodi Sundowns.

NgeSonto ngo-3 ntambama, iTeam of Choice izoshukana neMamelodi Sundowns eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu kwi-semi final yeNedbank Cup.

“Asibasabi, uma behlasela sizovala emuva. Asigxilile kubona kakhulu. Sesidlale nabo kabili kule sizini. Sibashayile emdlalweni womkhumulajezi (MTN 8) nabo basihlula koweligi. Sidlala ngendlela yethu ejwayelekile. Bayiqembu elikhulu kodwa lokho ngeke kwenze ukuthi sizithele ngabandayo ngoba nakhu sithi sidlala neqembu elikhulu. Sizosebenza kanzima ukuthola umphumela omuhle,” kusho u-Ofori.

Isithombe: BACKPAGEPIX

URICHARD Ofori ongunozinti weMaritzburg United ongomunye wabenza kahle

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.