Lilengelwa yizembe elomgadli weBafana Bafana

Isolezwe - - ISOLEDISKI - MTHOKOZISI MNCUSENI

USENGCUPHENI yokugencwa yizembe eFrance umgadli weBafana Bafana, uLebo Mothiba okujatshulelwe kakhulu ukubuyiselwa kwakhe kwiLille ngasekuqaleni konyaka ekade ebolekisiwe esigabeni esingaphansi kwesikhulu. UMothiba ulandwe kwiValenciennces ebimboleke kwiLille.

Lo mgadli ufike kwezwakala kwiLille eshaya amagoli ngemidlalo yakhe yokuqala okuholele ekutheni aze amlande uStuart Baxter emidlalweni yakamuva yeBafana ebiseZambia. Kule midlalo uMothiba ukwabasize iBafana ngamagoli endleleni yayo ebibheke esicocweni seFour Nations.

Ubesenkundleni bebambana ngo 2-2 neGuingamp edlalelwa uLebohang Phiri naye weBafana. UMothiba usengcupheni yezembe njengoba bengayazi iwini emidlalweni eyishumi. Balingana ngamaphuzu neTroyes nayo elwa nezembe. EzikaPhiri zikunombolo 11 kwi-log.

Kuyona le ligi, uKeagan Dolly weMontpellier ukhishwe ngesikhathi sekhefu bekhala ngaphansi ngo 3-1 kwiBordeaux kwathi uBongani “Ben 10” Zungu wakhala ngaphansi ngo 3-0 kwi-Olympique Lyon. UZungu nezakhe i-Amiens SC bakunombolo 14 kwi-log kanti sekusele imidlalo emihlanu ngaphambi kokuthi kuphele isizini.

Ezimnandi zithi uMay Mahlangu weDinamo Bucuresti yaseRomania ushaye igoli lakhe lesibili emasontweni amabili esiza iqembu lakhe linqoba ngo 4-2 kwiVoluntari. Kuze kube yimanje akabonakali emidlalweni yeKonyaspor yaseTurkey uLebohang Manyama ohambe kuleli engumdlali wonyaka. Wagcina ukudlala ngoDisemba 23. IKonyaspor idlale ngokulingana ne-Antyalispor kuba u 0-0 okushiya leli qembu endaweni embi kwi-log.

Lisekhona iphupho lama-play offs akuChampionship ase-England kuKamohelo Mokotjo weBrentford odlale imizuzu engu-12 yokugcina leli qembu libamba iFulham ngo 1-1. EzikaMokotjo zisendaweni yeshumi kodwa zisele ngamaphuzu amane kuphela eqenjini elisekugcineni kwazodlala kuma-play offs.

Namanje eChina basazibuza ukuthi uvelaphi umgadli ofana noDino Ndlovu. Lo mgadli weBafana uphinde waliqabulisa inethi esiza iHangzhou Greentown inqoba ngo 2-1 kwiLiaoning Kaixin. Lo mphumela ubeke ezikaNdlovu endaweni yesine kwi-log yesigaba esiphakela esikhulu saseChina kanti leli goli bekungelesikhombisa emidlalweni eyisithupha.

ENetherlands, uThulani Serero ushaye igoli esiza iVitesse ibhudluza iSparta Rotterdam ngo 7-0. USerero uvule inkundla ngegoli.

LEBO MOTHIBA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.