Umqeqeshi akawuvali umlomo ngonozinti woSuthu

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI waMaZulu, uCavin Johnson, ubona unozinti wakhe uSiyabonga Mbatha ezobalwa nezinkunzi zonozinti uma eqhubeka nokuzinikela.

UJohnson ukusho lokhu ngemuva komdlalo wezakhe ne-Orlando Pirates eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngempelasonto. Usuthu luguqiswe yiBucs ngo 2-1.

Amagoli eZimnyama ashaywe nguMusa Nyatama noThabo Qalinge kwathi elokubika loSuthu lashaywa nguMabhudi Khenyeza.

“UMbatha uzoba ngomunye wonozinti abahamba phambili leli zwe eselake laba nabo. Usesikhathini lapho ekhula khona. Uyadlondlobala umdlalo nomdlalo. Ekuhambeni kwesikhathi uzofunda ngezimo zomdlalo. Uma ungunozinti kumele ukwazi ukusebenzisa isikhathi ngokwesimo seqembu lakho. Lezi zinto-ke uzifunda ngokuthola amava. Uzofunda, eminyakeni ezayo uzoba ngunozinti ohamba phambili,” kusho uJohnson.

Kule sizini uMbatha usedlale imidlalo ewu-14. UMbatha, odabuka eMlaza, uke wadlala imidlalo emine ilandelana engangenelwa yigoli. UMbatha useke waqokwa nomdlali wosuku kule sizini.

Emidlalweni ezayo uzobe ebhekiwe ekutheni asize iqembu ligcine indawo yalo esigabeni esikhulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.