AmaSama azoklomelisa omakadebona kwezomculo

Isolezwe - - IZINDABA - NOKUBONGWA PHENYANE

KUZOHLONISHWA izinkakha kwezobumnandi, emcimbini wokuklomelisa abaculi, amaSouth African Music Awards (Sama), ozobe useSun City Super Bowl, eNorth West, ngoJuni 2.

USteve Kekana, Spokes H noMbongeni Ngema bazohlonishwa ngendondo yeLifetime Achievement. UShashika Mooruth yena uzonikwe eye-International Achiever.

Umphathi wenkampani iRisa ehlela lo mcimbi, uNhlanhla Sibisi uthe imisebenzi yabaqokiwe akekho ongayazi kuleli, izikhulumela yona.

“Benze konke endimeni yobumnandi. Ngakho lezi zindondo ezimbili esizobahlonipha ngazo zibaluleke kakhulu. Bayimela kahle imisebenzi yowayengumengameli wakuleli uMnuz Nelson Mandela nomama u-Albertina Nontsikelelo Sisulu njengoba lona kungunyaka wokubahlonipha,” kusho uNhlanhla.

Uthe imisebenzi yala maqhawe sengathi ingakhanya njalo, isize osaziwayo abasebancane.

“Kuningi abakwenzile emiphakathini eyahlukene kuleli besebenzisa ubuciko babo emculweni,” kuchaza uNhlanhla.

USpokes H wazakhela igama kuleli ngeminyaka ka-1980, ekhipha ingoma okwakukhona kuyo ethi Tamatosous okwathi ngeminyaka ka-1990 washisa izikhotha ngokwakukhona kuyo ethi Rabaki nethi Peace Magets.

Le nsizwa yadlula emhlabeni ngo2013, ineminyaka engu-45. USteve Kekana (59), wazakhela udumo kuleli ngeminyaka ka-1980 ngethi Raisig My Family, eyashisa izikhotha emazweni aseEurope.

UNgema (62), wazakhela igama ngokuba umculi nokukhiqiza imidlalo yasesiteji okukhona kuyoneSarafina.

UShashika wathuthukisa umculo wesizwe samaNdiya awenza waduma kuleli.

MBONGENI NGEMA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.