Bagxeka iSafa ngokuphuma koSuthu kwi-Top 8

Isolezwe - - IZINDABA -

ISINQUMO seSafa esithole i-Ajax Cape Town inecala ngokudlalisa umgadli uTendai Ndoro emidlalweni yePSL kule sizini edlule siguqule izinto etafuleni le-Absa Premiership.

Lokhu kulandela izikhalo zamaqembu adlale ne-Ajax ngesizini edlule kwazise ngokwemibandela yeFifa umdlali akavumelekile ukudlalela amaqembu amathathu ahlukene ngesizini eyodwa.

Ukutholwa kwe-Ajax inecala kuchaze ukuthi kuguqulwe imiphumela yadliwa ngo 3 - 0 emdlalweni yayo neSuperSport United, Polokwane City nePlatinum Stars.

Kulawa maqembu iSuperSport nePlatinum Stars bahleka bodwa ngoba lokho kukhuphule amaTsatsantsa ahlala endaweni yesikhombisa, kwaphuma AmaZulu kwiTop 8, kwathi emsileni iDikwena yasuka ezembeni yahlala endaweni eyenza ukuthi idlale imidlalo yokuhlungela ukudlala kwi-Absa Premiership ngesizini ezayo. Intatheli yeSolezwe uMCEBO MPUNGOSE ikhulume nabalandeli bebhola eThekwini ukuthola uvo lwabo ngalolu daba.

UMnuz Enerst Somakahle (54) waseMayville ugxeke iSafa ngokuhudula izinyawo kulolu daba.

“Ngisola ukuthi kube yiphutha ukuthi bathathe isinqumo sekuphele isizini ngoba kade yaqalwa ukukhulunywa indaba kaNdoro. Kubuhlungu ukubona iqembu elinjengaMaZulu liphuma kwiTop 8 selisebenze kangaka,”

UMnuz Mpumelelo Zulu (40) waseLamonti uzwakalise ukungenami ngokuba khona kwabaphathi bamaqembu kwiAbsa Premiership abaphinde babe sebuholini kwiSafa nakuPSL.

“Vele uma uneqembu elidlala kuleyo ligi izinqumo ozithathayo nakanjani ziyohlale zivuna iqembu lakho.”

UMnuz Thulani Gama (62) waseMlaza uthe uzwelana kakhulu noSuthu.

“Ukuphuma kwaMaZulu kungene iSuperSport kungiphatha kabi ngoba yonke lento iyiphutha le-Ajax. Bathikameze umgqigqo wamanye amaqembu ngento eyayingaxazululwa kudala.”

UZama Shezi (18) waKwaMashu uthe ukhalela i-Orlando Pirates yena.

“Ngabe ngiyezwa ukuba kuthiwa iPirates yahlomula ngalawa maphuzu amathathu ngesikhathi isawafuna kodwa ngizwile ukuthi ayisawafuni.”

UMnuz Zwe Mthembu (58) waseMayville naye usole iSafa nePSL ngokuthatha lesi sinqumo isiphelile isizini kodwa wancoma iPirates ngokusihoxisa isikhalo sayo.

“Besebazi ukuthi i-Ajax ayikho esimeni esihle vele, bekumele banqume ngale nto kudala ukuze ilungiselele imidlalo kahle. Ngiwumlandeli weBhakhaniya futhi ngiyazi neqembu lami like lakhala ngale nto kodwa ngifisa ukulincoma ngokusihoxisa isikhalo ngoba ngikhala kanye ne-Ajax.”

MPUMELELO ZONDI

MANDLA HADEBE

ZWE MTHEMBU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.