Bangu-10 million abanomazisi abasha

Isolezwe - - IZINDABA - MHLENGI SHANGASE

SEBENGAPHEZULU kuka10 million abantu bakuleli abanomazisi bamakhadi, ama-smart ID card.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezaseKhaya uMnuz Malusi Gigaba ethula isabelo sezimali somnyango ePhalamende eKapa.

Uthe manje abantu bakuleli babhalisa bathathwe nezithombe zomazisi noma zama-passport okutholakala ngesonto elilodwa noma amabili.

“Sesikhiphe amakhadi angu-10 million kubantu bakuleli, eminyakeni emihlanu edlule. Umuntu obe ngoka-10 million nguNksz Nomthandazo Maweni, oyisimenywa njengoba sethula isabelo semali,” kusho uGigaba.

Uthe angu-14 amabhange okukwazi ukuthi kubhaliselwe kuwo omazisi bamakhadi nama-passport.

“Kulawa mabhange angu-212.101 omazisi namapassport angu-222.406 asetholakele kanti lolu hlelo luyimpumelelo. Sivumelene namabange iStandard Bank, First National Bank, Nedbank ne-ABSA ukuthi sifinyelele emagatsheni angu-20 ngokushesha sigxile kakhulu eThekwini, Mgungundlovu, East London, Nelspruit nasePolokwane.” Uthe kulo nyaka bazohlinzeka ikhomishini eyengamele ukhetho kuleli ngoR1.97 billion. Uthe uR149 million uzoxhasa amaqembu ezepolitiki. Uqhube wathi bathule uhlelo lokukhomba amanyela eminwe, ubuso kanjalo nolibofuzo ukuze sikwazi ukugcina ulwazi.

“Kulo nyaka izikhungo ezingu-78 ezingomahambanendlwana zizofakwa bonke ubuchwepheshe bokukwazi ukuthi abantu benze omazisi bamakhadi, sizogxila emakhaya.”

Uthe umnyango wakhe utholakala ezibhedlela ezingu-391 nasemitholampilo lapho kunabasebenzi abangu-67 abasebenza ngokugcwele.

Uqhube wathi lokhu kusiza ngoba izingane zibhaliswa ezinsukwini ezingu-30 zizelwe. Uthe isibalo sinyukile safinyelela ku-74% sisuka ku-59% ngo-2013/2014.

“Sesigcina imininigwane yamanyela ezivakashi kanjalo nezithombe zabo ezikhumulweni zezindiza ezine kanjalo nasemachwebeni ayisithupha, ukuze sibone abantu abafika kuleli. Kulo nyaka sizohlola nohlelo lokuthi izivakashi eziza kuleli zibhalisele i-visa zisebenzisa i-internet, zithole ama-visa azo ngokushesha ukuze zikwazi ukuza kuleli. Lokhu kuzokhulisa ezokuvakasha. Nabasuka eRussia bangazifaki izicelo zama-visa

okunyuse abavakashi abasuka kuleliya lizwe ngo51%,” kusho uGigaba.

THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwenews) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.