Bafuna uhulumeni acacise ngezinhlelo zenuzi

Isolezwe - - IZINDABA - SIYABONGA MKHWANAZI

AMAQEMBU aphikisayo afakele uNgqongqoshe wezokuMbiwayo, uMnuz Jeff Radebe (osesithombeni) ingcindezi yokuthi acacise ukuthi ngabe uhulumeni usaqhubeka yini nezinhlelo zenuzi.

Izolo amaqembu aphikisayo athe awafuni uhulumeni aqhubeke nezinhlelo zenuzi.

Asho lokhu emuva kokuthi uRadebe ethe inuzi isekhona ezinhlelweni zikahulumeni kodwa konke kuzocaca ngo-Agasti uma sekuthulwa i-Integrated Resource Plan (IRP).

URadebe utshele izintatheli ukuthi uhulumeni usenazo izinhlelo zenuzi. USihlalo wekomiti, uMnuz Fikile Majola uthe bekudingeka babuyekeze izinhlelo ze-IRP ukuze zihambisane nezidingo zasezimakethe.

Uthe uRadebe uyena ozothula izinhlelo ezibuyekeziwe ze-IRP ngekota yesine yonyaka.

“UNkk Thandeka Gqada weDA uthe inuzi ilandelwa yifu elimnyama elihlangene nomndeni wakwaGupta namaRashiya.

Uthe bafuna uhulumeni ayeke ukuthumela imiyalezo engacacile kodwa azimise izinhlelo zenuzi.

UNkk Khonziwe Hlonyana we-EFF uthe ukuqala kwezinhlelo zenuzi kuzovula intuba yokuthi izikhulu zikahulumeni zimoshe imali kahulumeni ngoba kuthiwa izodla u-R1 trillion.

UMnuz Willie Madisha oyiPhini likaMengameli weCope, uMnuz uthe owayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma wahlukanisa uMnyango wezokuMbiwayo nowamandla, ukuze aqinisekise ukuthi amaRashiya nezinhlelo zawo zenuzi ayahlomula emalini yaseNingizimu Afrika.

Ubonge izishoshovu ze-Earth Life Africa, uNkk Makoma Lekalala noNkk Liz McDaid abamangalela uhulumeni enkantolo ukuze amise uhlelo lwenuzi.

Uthe ngaphandle kwabo ngabe iNingizimu Afrika inezindleko zenuzi engazi ukuthi izozikhokhela ngani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.