Imikhuleko yokudambisa ukubulawa kosopolitiki esifundazweni

Isolezwe - - IZINDABA - MHLENGI SHANGASE

KUZOBANJWA uchungechunge lokhukhulelangoqo bemikhuleko KwaZuluNatal ukukhulekela izehlakalo zokubulawa kosopolitiki.

Lokhu kuvele izolo ngemuva komhlangano weKhabhinethi yesifundazwe eholwa nguNdunankulu uMnuz Willies Mchunu.

Le mikhuleko ezokwenabela nasezifundeni ezehlukene ilandela izehlakalo zokubulawa kosopolitiki njengoba uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, obevakashele emzini wesishoshovu esibulawe KwaPata, eMgungundlovu, ngeledlule, uMnuz Musawenkosi “Maqatha aziqobayo” Mchunu ethe esifundeni iMoses Mabhida bangu-14 abaholi asebebulewe kusuka ngonyaka odlule.

Isitatimende esikhishwe wuhulumeni wesifundazwe, sithe mane amakhansela abulewe ezehlakalweni ezehlukene eZululand, Ugu, uMgungundlovu okunenhlese yezepolitiki.

Sithe kubulewe nomhlengikazi uNkk Ntombizodwa Dlamini odutshulwe ngumyeni wakhe ngosuku lomama wajika wazizibulala.

Kwenzeka lokhu nje umholi weNatu uMnuz Allen Thompson, usinde ngokulambisa edutshulwa abalisa abahlanu ababehlomile ngoLwesihlanu olwedlule eThekwini. UMchunu uthe lezi zehlakalo zidinga umkhuleko.

Le mikhuleko yezinsuku eziyisikhombisa izoqala ngeSonto elizayo ngoMeyi 27 eThekwini. Izoya nakwezinye izifunda.”

Umhlangano weKhabhinethi obuyizolo ubhunge nangombiko wezinhlelo zokuphepha ngePhasika, lapho kuvele ukuthi amaphoyisa avundulula izibhamu ezingu-81 kusuka ngoMashi 15 kuya ku-Ephreli 10 kulo nyaka.

Enye yezinto yizinhlelo zomkhankaso wokuvikela izingane nosuku lwezingane oluzoba ngoJuni 2.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.