Lihlehliselwe u-Agasti icala lomfundisi waseNigeria

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

UZOBUYELA enkantolo ngoAgasti 2 umfundisi waseNigeria obhekene nenqwaba yamacala okudlwengula nokushushumbiswa kwabantu ebandleni lakhe.

Umbhishobhi Timothy Omotoso, 58, ubevele enkantolo yasePort Elizabeth (PE) ngoLwesibili.

Yena nababili abekwe nabo icala, icala labo libe selidluliselwa eNkantolo eNkulu yasePE lapho kulindeleke ukuba liqalwe ukuqulwa khona.

Ngokwenkantolo, lo mfundisi usolwa ngokuthi washushumbisa abesifazane abangaphezu kuka-30 ebasusa kwamanye amagatsha ebandla ebaletha eMhlanga eThekwini.

Emzini wakhe oseMhlanga kuthiwa yilapho ayebahlukumeza khona ngezindlela ezahlukene ngokocansi. Le mikhuba kuthiwa wayeyigila esebenzisana nababili aboshwe nabo.

Maningi amanye amacala abekwe wona athinta ukuhlukumeza ngokocansi. Amacala okuphula umthetho ngokuba kuleli ngaphandle kwemvume ayebekwe lo mfundisi wona ahoxiswa.

Asolwa nabo ngoNksz Lusanda Solani (36) waseThekwini noNksz Zukiswa Sitho (28) wasePE, kusolwa ukuthi yibona ababemqoqela amantombazane ezindaweni ezahlukene bese beyabagada ukuthi benzani endlini ababehlala kuyo.

Owesifazane wesithathu, uNksz Nobubele Mlindi, owayeboshwe ngoMashi, amacala ayebekwe wona ahoxiswa wonke ngoba umbuso ungakwazanga ukuthola ubufakazi obanele ukuqhubeka nawo.

Ngokusho kombuso amanye amantombazane athintekayo ngokuhlukumezeka ayeneminyaka engu-13.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.