Uzozimaziswa wuButhelezi owekhansela le-IFP

Isolezwe - - IZINDABA - MLUNGISI GUMEDE

KULINDELEKE noMengameli we-IFP Inkosi Mangosuthu Buthelezi emngcwabeni wekhansela leNkatha eMkhandlwini waseZululand, uMnuz Sibuyiselo Dlamini, obulawe ngoLwesihlanu olwedlule.

UDlamini uzofihlwa kwakhe eDlebe, eMahlabathini, namhlanje.

USihlalo we-IFP eZululand, uMnuz Nhlanhla Msimanga, ukuqinisekisile ukuthi uButhelezi uzoba khona emngcwabeni kaDlamini.

“Kulukhuni ukusho ukuthi yibaphi abaholi abazofika ngoba umngcwabo awumenyelwa kodwa uMntwana wakwaPhindangene uyena umholi engingakuqinisekisa ukuthi uzobe ekhona,” kusho uMsimanga.

UButhelezi kuthiwa ubemkhonzile uDlamini embona njengomunye wabaholi abasebancane iqembu elingathembela kubona.

Ngemuva kokubulawa kwakhe, uButhelezi watshela abezindaba zakwaSABC ukuthi bayazi ukuthi uDlamini ubulewe yizitha ezingaphakathi enhlanganweni.

UButhelezi ucashunwe kwabezindaba ethi zikhona izinkomba zokuthi ngomunye wabaholi babo othenge izinkabi ukuba zibulale uDlamini.

UDlamini obengumholi we-IFP Youth Brigade udutshulwe ngabantu abangaziwa eserobhothini edolobheni lasoLundi esendleleni ebheke kwakhe.

Ukubulawa kukaDlamini kwenzeke ngesikhathi esisodwa nokubulawa kwesishoshovu se-ANC esifundeni iMoses Mabhida uMnuz Msawenkosi “Maqatha aziqobayo” Mchunu.

UMchunu obeyisishoshovu esilwa nokuthi kuhlale izingqungquthela zezifunda ze-ANC neyesifundazwe udutshulwe ngaphandle komuzi wakhe KwaPata, eMgungundlovu.

Inkonzo yesikhumbuzo sakhe izoba seCity Hall eMgungundlovu namhlanje.

Omunye wabaholi be-ANC eMoses Mabhida ojutshwe ukuba abe sethimbeni elihlela inkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo kaMchunu kodwa ongeke adalulwe ngenxa yezokuphepha uthe balindele abaholi bamadlelandawonye enkonzweni yesikhumbuzo nomngcwabo kamufi.

Uthe uMchunu uzofihlwa ngoMgqibelo KwaPata.

UMNUZ Msawenkosi ‘Maqatha aziqobayo’ Mchunu we-ANC obulewe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.