Lifile ikusasa lemfundo eSahlumbe

Isolezwe - - IMIBONO -

MHLELI: Nami ake ngisike elijikayo kwelakho elingashayi eceleni. Kungiphethe kabi ukubona isikole sabantwana bethu, eSahlumbe, sesiphenduke inkundla yezepolitiki.

Lesi sikole kubukeka ikusasa laso liya ngokufiphala, lokhu kudalwa yizakhamizi zendawo ezisebenzisa ipolitiki ekuxazululeni izingqinamba ezisuke zibhekene nesikole.

Impela akuhambi kahle yonke into yalapha nothisha esinabo babukelwa phansi.

Khonamanjalo obekade enguthishanhloko ushiyile, abantwana baphatha izikhali eziyingozi, kunabathize abanomoya omubi kubantwana nasemphakathini.

Impela kuzolibulala ikusasa labantwana, angikungabazi ukuthi imiphumela izokuba mibi kakhulu kulesi sikole ukusuka manje kuya phambili.

Konakele, othisha basebenza kanzima impela mhleli. Khayelihle Mkhize ESAHLUMBE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.