IZAZISO

Isolezwe - - IZINDABA -

ROCK BIBLE COLLEGE: LELI kolishi elifundisa izifundo zeBhayibheli elizinze enkabeni yedolobha iTheku, lizobe linomcimbi wokwethwesa abafundi iziqu, ngoJuly 7 e-Ilovu Community Hall (C Section) ngo-10 ekuseni. Ngemininingwane kungathintwa uDkt TA Ngidi ku- 073 894 4403.

THE CHRISTIAN EVANGELIST CHURCH OF ZION IN S.A (UKUKHANYA):

KWAZISWA abazalwane baleli bandla ngenkonzo yokugcoba uPastor QMH Ncwane ngoMeyi 27, eDumakude JP School ngo-10 ekuseni. Abazalwane abathanda ukuba yingxenye yale nkonzo bamukelekile.

Ngemininingwane kungashayelwa ku- 072 609 8945. Isaziso sikhishwe u-Archbishop SS Ncwane.

THE HOLY BANNER OF ETHIOPIAN APOSTOLIC CHURCH IN ZION:

IKOMITI labantu abasha baseKZN, limema bonke abantu abasha baleli bandla ukuba baphelele emhlanganweni wokuhlela inkonzo yentsha ezoba se Port Dunford ngoJuni 16. Umhlangano uzoba ngoMeyi 20 eBethaniya, J2 eSikhaleni ngo-10 ekuseni. Ngemininingwane kungashayelwa ku-083 529 7300 noma uPastor Gugu Kubheka ku-072 208 9607.

ISAZISO SABAKWAZWANE: KUKHUNJUZWA bonke abantu bakwaZwane, Cebekhulu, Nsele, Linda, Mafu, Mthanti, Njoko, Gabela, Hudla, Mungwe kanye nezinye eziphuma kuZwane abahlala eThekwini namaphethelo emhlanganweni ozoba ngoMeyi 20, kwaMetrorail eDurban Station, phezulu ngo-12 emini. Kuyobe kukhulunywa ngokukhethwa kwekomidi elikhulu. Ngemininingwane kungashayelwa uThulane Zwane ku-073 577 7373.

UMHLANGANO WE-SACOSWU: I-SOUTH African Correctional Services Workers’ Union imema bonke ojele baseThekwini emhlanganweni wabo namuhla ngo-11.30 ekuseni eRecreational Hall eWetville Management Area. Ngemininingwane ungathinta uMnuz Skhithi Cele, uNobhala wesifundazwe, ku-078 267 4930 noma ku-031 204 8880.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.