Udume kwezenqindi kudlula uPhindile

Isolezwe - - EZEMIDLALO - ZAKHELE XABA

IGQEMEKE engeqiwa ntwala indima yezamankomane ngokudlula emhlabeni kukaphromotha wesifazane, uPhindile Mbhele, obengomunye wabathenjwe yinhlangano iBoxing South Africa (BSA) ngokuvuselela lo mdlalo eMzansi.

UMbhele (35) waseSt Faiths, ubengumnikazi wenkampani i-Aphile Boxing Promotions. Ushone ngoLwesibili ekuseni esibhedlela eLivingston Hospital, eBhayi, emuva kokuhlaselwa yinkinga yezinso ekade elaliselwe yikhanda obekunesikhathi limphethe.

Kwenzeka lokhu nje bekungakapheli nesonto kufihlwe omunye uphromotha wesifazane, uGladys “Noforty” Tsenene waseBhayi ongcwatshwe ngempelasonto edlule. UMbhele usebenze iminyaka emahhovisi eLudonga Boxing Promotions kaThulani Magudulela eThekwini ngaphambi kokufudukela eBhayi.

UCaiphus Ntante ongumqeqeshi kaBell nobekade eshade noMbhele, uthe umkakhe udlule emhlabeni esezitshela ukuthi uzobuyela naye ekhaya.

“Uqalwe yikhanda ekupheleni kukaEphreli waya kudokotela, wamdlulisela esibhedlela. Uphumile walulamela ekhaya.

“Ngenxa yokuthi imithi ibikade imphathisa ngesiyezi ubuyele khona, waba ngcono. Libuyile ikhanda ngoLwesine, wabuyela khona esibhedlela kodwa wakhombisa izimpawu zokululama futhi.

“Bengihlala naye esibhedlela sonke isikhathi. Ngaphambi kokuthi bamdedele bathole ukuthi unenkinga yezinso bathi basafuna ukuyibhekisisa. Ngithole ucingo sengisekhaya, bengitshela ukuthi useshonile,” kusho uNtante.

“Kubuhlungu kakhulu kodwa angisoli muntu ngoba kade bemnakekela kahle kusukela esaphethwe yikhanda okokuqala.

“Nabo esibhedlela bamangele ngokushona kwakhe ngoba ubengomunye wobekubhekwe ukuthi bazophuma.

“Umndeni wakhe ungitshelile ukuthi lake lamphatha ikhanda esemncane emuva kokuthi eshaywe yizulu eneminyaka eyisishiyagalolunye kodwa wasinda.”

Abalandeli besibhakela kade bedlulisa ukukhalisana noNtante ekhasini lakhe lika-facebook emuva kokudalula izindaba zokudlula emhlabeni kukaMbhele.

Isikhulu seBSA, uCindy Nkomo, sithe balahlekelwe kakhulu.

“UPhindile ubengomunye wabazinikele ukuthuthukisa abesifazane esibhakeleni. Ubeqokwe ekomitini leWomen In Sport. Ukungena kulona kudingeka ukhombise ukuzinikela.

“Silahlekelwe kakhulu ikakhulukazi njengoba ubekade esebenzela eBhayi lapho kungekho okuningi okwenzekayo kwezamankomane,” kusho uNkomo.

Inkonzo yesikhumbuzo izoba ngoMeyi 21 eWalmer Sakhasonke, eBhayi.

Uzofihlwa ngoMeyi 26 ekhaya eSt Faiths.

Isithombe: FACEBOOK

UPHINDILE Mbhele (kwesokunxele) obengumgqugquzeli wezimpi enoCindy Nkomo weBoxing South Africa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.