UThongathi selushaya ngomqeqeshi omusha

Isolezwe - - EZEMIDLALO - MINENHLE MKHIZE

UTHONGATHI FC lugixabeze uJohnny Ferreira ngezintambo zokucija iqembu emuva kokuhlukana noSammy Throughton.

UFerreira uzolekelelwa nguPitso Dladla. Leli qembu laKwaZulu-Natal eligijima kwiNational First Division (NFD) lisinde ezembeni ngomzuzu wokugcina. UNkosinathi Chili oyimenenja yeqembu utshele Isolezwe ukuthi ngesizini ezayo bazimisele ngokugwema izembe.

“Yebo, siqashe uFerreira ukuba ngumqeqeshi omusha weqembu. Sibuyise noPitso Dladla oke wasebenza eqenjini eyiphini. Uzokwenza umsebenzi ofanayo. Uyalazi usiko lweqembu. Ngakho sikholwa wukuthi lokho kuzokwenza umehluko. Bakhona abanye abaqeqeshi ebesibafuna kodwa sangakwazi ukubathola. USello Chokoe ungomunye wabaqeqeshi ebesibabhekile kodwa sangavumelana,” kusho uChili.

UThongathi lunyuselwe kwiNFD ekuqaleni kwesizini esanda kusongwa. Ludle umhlanganiso emidlalweni yokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiNFD eMthatha. Lunqobe imidlalo kazwelonke kulandela ukuba ngompetha baKwaZulu-Natal.

“Ngesikhathi siqasha uThroughton sasibheke ukuthi afake iqembu kwiTop 8. Ngemuva kokuphela kwesizini sihlale naye phansi sase senza ucwaningo. Kucacile ukuthi akazange akwazi ukuzuza ebesimbekele kona. Ngaleyo ndlela sivumelane ngokuthi simdedele. Indawo yakhe sikhethe ukuyivala ngoFerreira. Usebe sebholeni isikhathi eside futhi sikholwa wukuthi nguyena umuntu ongasiyisa phambili. Sesimnikile uhla lwezinto esizilindele kuyena futhi naye usesitshelile ukuthi yini ayilindele kithina,” kusho uChilli.

UThongathi lusayinise inqwaba yezinsika zabadlali ngesizini edlule, okubalwa kubona uDiyo Sibisi, Philani Shange noLucky Mzizi.

“USibisi noShange noma kanjani siyabagcina. Isipiliyoni sabo simqoka ekutheni bakhombise abafana abancane indlela. Ngakho ngingakuqinisekisa ukuthi ngesizini ezayo bazobe beseyingxenye yethu. Umqeqeshi uthe abadlali abangazange bawudlale u-50% wemidlalo yeqembu bengalimele futhi bengadonsi isigwebo samakhadi kuzomele badedelwe,” kusho uChilli.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.