Isuzu Motors SA yethule imu-X eyiSUV

Isolezwe - - EZEZIMOTO - FANELESIBONGE BENGU IMOTO: ISUZU MU-X

YETHULE imoto yayo yokuqala i-Isuzu Motors South Africa kungakapheli ngisho izinyanga ezine ezigcwele iqalile ukusebenza.

Mhlawumbe usuyazibuza ukuthi kanjani ngoba i-Isuzu yinkampani ekade yaba khona eNingizimu Afrika. Yithi ngikuchazele. Ngonyaka odlule ngesikhathi iGeneral Motors (GM) imemezela ukuthi isihosha imfe emakethe yakuleli, Isuzu, eyayingaphansi kweGM yaveza ukuthi izowathenga amasheya ay obese iqhubeka nokusebenza kuleli. Lokhu kusho ukuthi Isuzu Motos South Africa isingaphansi ngokuphelele kwe-Isuzu Motors Limited of Japan.

Manje ngoba sesidlulile kulokho, esihlangene ngakho namuhle yimoto eyethuliwe imu-X eyiSUV elayisha abagibeli abayisikhombisa. Kukhona abathi lena yiSUV yokuqala yale nkampani kodwa benza iphutha ngoba ngo-1992 yethula iTrooper kwathi ngo1998 yafika neFrontier.

Akuthusi ke ukubona isiphinde ibuya nale moto ngemuva kokuthula iminyaka ngoba kuyinto engafihliwe ukuthi isigaba samaSUV singesinye sezikhula ngokushesha kuleli nasemhlabeni jikelele.

Ngemu-X, Isuzu, izobanga abathengi neToyota yona egadla ngeFortuner, Ford eneEverest kanjalo nePajero Sport.

Le moto isuselwe evenini eliyintandokazi iKB wena owabona iNissan Navara nePathfinder. Ngaphambili uma iqhamuka ungazitshela ukuthi yiKB kodwa uma usuqaphelisisa kahle ubone ukuthi akusiyo. Ishaya ngamaLED daytime running lights namaBi-LED projector headlamps ngaphambili.

Eceleni ishaya ngezitebhisi zokugibela, amarimu angu-18 inch kuthi ngemuva ibe namalambu eLED.

Ungakwazi ukuyishintsha wengeze ubuhle ngokuyifaka izinto okukhona kuzo i-spoiler ngaphambili nokunye.

Ngaphakathi idle ngokuvuleka ikakhulukazi kubagibeli bangaphambili nalabo abahleli ezihlalweni eziphakathi nendawo. Izihlalo ziyisikhumba futhi esomshayeli ukwazi ukusihlela ngogesi.

Yize kuyimoto endala, kwazise yaqala ukudayisa eThailand ngo-2013, inabo ubuchwepheshe besimanje.

Lapha ngibala imulti-function infotainment system engu-9 inch colour touchscreen ekhombisa ngenkombandlela, umsakazo futhi ikwazi ukudlala iDVD, MP3, i-xhuma iselula ngeBluetooth noma nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto.

I-screen sibuye siveze ingemuva uma uhlehla.

Ine electronic climate control system kanti abangemuva nabo banezimbobo zabo zomoya.

Isiteringi sinamabhathini okulawula umsakazo, iselula noma i-cruise control.

Okungichaze kakhulu wukuthi uma nihamba nibaningi, njengoba kuyimoto yomndeni, anilokhu nilindana ngokushaja ngoba inezimbobo ezimbili ngaphambili zokufaka i-USB. Ngemuva phakathi nendawo kukhona ekhona. iqhubeka ekhasini 5

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.