Inkinga yebhande kwiPolo entsha

Isolezwe - - EZEZIMOTO - INTATHELI YEZEZIMOTO

IVOLKSWAGEN emhlabeni jikelele isiveze ukuthi iPolo yayo entsha inenkinga mayelana nebhande langemuva lokufasa abagibeli.

IPolo entsha eNingizimu Afrika yethulwe ekupheleni kukaJanuwari kanti ingenye yezintandokazi njengoba idayisa ubuthaphuthaphu.

Le nkampani ithe inkinga ukuthi kungenzeka imoto uma ishintsha imizila ngokushesha ilayishe abaginbeli abahlanu ibhande langakwesokunxele lingaziphumela.

“KwaVolkswagen ukuphepha kuseqhulwini futhi inkampani isisitholile isisombululo: ukhiye webhande omusha ozogwema lokhu ukuthi kwenzeke,” kusho ke nkampani esitatimendeni esishicilelwe emhlabeni jikelele.

IVolkswagen iqhube ngokweluleka abanikazi bamaPolo ngokuthi bengasisebenzisi isihlalo saphakathi nendawo kuze kuba izimoto zabo ziyalungiswa.

Emasontweni ezayo izoqala umkhankaso wokuthi izimoto zibuyiswe ukuze zizolungiswa. Amakhasimende azothola izincwadi ezibazisa ngokuthi beyobona umuntu ozobalungisela. Ukuhlola kanjalo nokufaka ukhiye omusha webhande kuzoba mahhala. VEHICLE TRACKING

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.