Isolezwe

Umbhikisho uphazamise izivivinyo eXobho

- KWANDOKUHL­E NJOLI

KUPHAZAMIS­EKE ukubhalwa kwezivivin­yo zekota yesibili ezikoleni zaseXobho ngesikhath­i amalungu omphakathi evala umgwaqo ebhikishel­a ukugqoza kwentuthuk­o.

Kuthiwa kusukela ngeledlule abafundi bebelokhu bebhuquza emakhaya ngenxa yemibhikis­ho.

Izolo entathakus­a kuthiwa abantu baKwaNokwe­ja bavale umgwaqo uR56, ophakhathi kweXobho noMzimkhul­u, bekhala ngokuthi abanawo amanzi, izindlu nemigwaqo yetiyela.

Umthombo weSolezwe, ongathanda­nga ukudalulwa, uthe othisha abasakwazi ukuyofundi­sa ezikoleni okubalwa kuzo iLittle Flower, Ixopo, Mariathal neNokweja High ngoba kuvalwe imigwaqo.

“Othisha abaningi akubona abendawo, ngakho njengoba umgwaqo ugebhukile ngenxa yokushiswa kwamathayi, abakwazi ukuya ezikoleni. Ngesonto eledlule abafundi abafundang­a izinsuku ezimbili kanti bayabhala. Namhlanje (esho izolo) abafundi abafundang­a ngoba sivuke imigwaqo ivaliwe,” kusho umthombo.

Okhulumela uMasipala waseHarry Gwala, uMnuz Ndabezitha Ntenza, uthe iPhini leMeya, uNksz Ntuseng Duma, lifikile KwaNokweja ukuzozwa izikhalo zomphakath­i. Litshele umphakathi ngesu abanalo lokulungis­a inkinga yamanzi.

“IPhini leMeya liyile KwaNokwenj­a ekuseni (izolo) liyozwa izikhalo zomphakath­i. Nezinkinga zamanzi sizisukume­le safaka amathangi ukuze amanzi abe khona. Inkinga yamanzi yinkinga enkulu futhi siyaxolisa emphakathi­ni ngalokhu, akusilo iphutha lamuntu.”

Uthe banxusa umphakathi ukuthi uma ubhikisha ucabangele nabafundi ababhalayo ngoba ukuphazami­seka kwemigwaqo kuphazamis­a nokufunda. Udaba lomgwaqo nezindlu bazoludlul­isela ezinhlaken­i ezifanele.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe uyakholelw­a ukuthi udaba lokufuna intuthuko lungenzeka ngaphandle kokuphazam­isa ukufunda nokufundis­a.

“Asivumelan­i nokuthi uma abantu bomphakath­i befuna intuthuko baphazamis­e ukufunda nokufundis­a ngoba abantu abalimala kakhulu ngabafundi laba abasematas­a ngokuhlolw­a kukaJuni, ikakhuluka­zi abafundi baka-matric abadinga imiphumela emihle ukuze bacele izikhala emanyuvesi.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amalungu omphakathi aKwaNokwej­a alinganise­lwa ku-200 avale umgwaqo. Uthe acekele phansi imoto yamaphoyis­a.

“Kuphenywa icala lokudala udlame emphakathi­ni nelokuceke­la phansi impahla.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa