Isolezwe

Amathimba ajutshwe ezibhedlel­a ‘ezingenzi kahle’

- PHILI MJOLI

ZIFAKWE ngaphansi kwezingqap­heli izibhedlel­a zakuleli ezingu-44 okuthiwa aziwenzi kahle umsebenzi wazo, ezinhlanu zazo ziKwaZulu-Natal.

Izibhedlel­a zaKwaZulu-Natal ezingene kulolu hlelo yiRK Khan, Northdale, Ngwelezane, Murchison neLadysmit­h Hospital.

UMqondisi jikelele woMnyango wezeMpilo kuleli, uDkt Precious Matsotso, uthe bese kunesikhat­hi bethola izikhalo zeziguli ezingeneli­sekile ngempatho eziyithola kulezi zibhedlela.

“Iziguli bezikhala ngezinto eziningi, kusukela ekungaphat­hweni kahle, olayini abade nezinkinga zokwelashw­a. Siwumnyang­o sibone ukuthi kunesiding­o sokuthi singenele. Ngesonto eledlule ngibhalele zonke izifundazw­e ngaphandle kweNorth West, ngizazisa ngamathimb­a azofika ezibhedlel­a ebheka ukuthi kusetshenz­wa kanjani, aphinde alekelele abasebenzi bakulezi zibhedlela,” kusho yena.

Uqhube wathi asikho isikhathi esibekiwe sokuthi ithimba ngalinye lizohlala isikhathi esingakana­ni esibhedlel­a kodwa kuzoya ngokuthi isibhedlel­a ngasinye sesiwalung­isile yini amaphutha.

Usho lokhu nje okhulumela iDA kwezempilo esiShayamt­hetho KwaZuluNat­al, uDkt Imran Keeka, uthe umthombo wakhe ongashayi eceleni uthe lezi zibhedlela zifakwe kumlawuli womnyango wezempilo.

Uthe sekunesikh­athi bekhuluma ngoNgqongq­oshe woMnyango uDkt Sibongisen­i Dhlomo ngesimo salezi zibhedlela kodwa angabanaki.

“Siyajabula ngalesi sinyathelo somyango kodwa bekumele ngabe kulo luhla kufakwe ne-Addington, isibhedlel­a saseStange­r neSt Mary’s esanda kuthathwa wuMnyango wezeMpilo,” kusho uDkt Keeka.

Uziphendul­ela ngalokhu uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uthumele isitatimen­de ugxeka iDA ngokwenza izinsolo zokuthi izibhedlel­a zifakwe ngaphansi komlawuli.

Esitatimen­deni uthe iDA lokhu ikwenza ngamabomu ngoba ifuna ukufeza izinhloso zayo zezepoliti­ki.

“Esikwaziyo wukuthi uMnyango wezeMpilo uthumele ithimba labasebenz­i abangu-30 esifundazw­eni ngasinye. Leli thimba lihlose ukulungisa izingqinam­ba ezibhekene nezempilo ezweni lonke, kuhlangani­sa neKZN. UDkt Dhlomo uhlangane nethimba elizoseben­za kulesi sifundazwe ekuseni (izolo). Ithimba siyalemuke­la sizimisele nokubambis­ana nalo ukuze siphucule ukusebenza ezibhedlel­a zethu.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa