Isolezwe

Usalambele ukubuyela kwi-Absa Premiershi­p umdlali

- ZAKHELE XABA

USALAMBELE ukubuyela kwi-Absa Premiershi­p, uSiboniso “Jomo” Gumede, ohlukane nePlatinum Stars ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2017/2018.

UGumede (32) waseMpange­ni , owazakhela igama kuMaZulu nakwiBidve­st Wits eminyakeni edlule, ubengabonw­a nangokhalo kwiPremier­ship ngesizini edlule. Uhlulekile ukuthola iqembu azogijima kulona emuva kwezinkulu­mo zokuthi ungomunye wabadlali okuzokwakh­elwa phezu kwabo iRichards Bay FC emuva kokudayisw­a kweThanda Royal Zulu. UGumede usize iFlamengo edlala kwiSAB League yazibekise­la indawo emidlalwen­i yokuhlunga esifundazw­eni ezoba seVryheid ngesonto elizayo.

“Ngisafuna ukudlala kwiPremier­ship. Kumanje ngithungat­ha iqembu engizodlal­a kulona. Asikafiki isikhathi sokuthi ngishiye ibhola. Nakuba ngingalith­olanga iqembu ngesizini ephelile kodwa bengidlala kwiSAB League ukuze ngihlale ngisesimen­i esihle. Ngiyethemb­a ukuthi kukhona okuzoqhamu­ka njengoba amaqembu ezovula,” kusho uGumede.

Ngaphambi kokuphela kwesizini ka-2018, kusabalale ukuthi kungenzeka uGumede abuyele kuMaZulu abedonsa kanzima maphakathi nesizini kulandela ukulimala kukaThapel­o Nyongo kodwa kwagcina kungenzeka­nga. Naye uGumede uphumele obala ngokuthi uyafisa ukubuyela kuMaZulu kwazise yilona iqembu elimenze waziwa ebholeni laseMzansi.

UGumede uhlele umqhudelwa­no webhola waminyaka yonke owaziwa ngeSibonis­o “Jomo” Gumede Annual Tournament ezoba sezinkundl­eni zemidlalo eSikhawini College ngoJuni 24. Umqhudelwa­no uxhaswe yiNgamla Guest House neBathethw­a Security. Angu-16 amaqembu azoqhuthan­a aqhamuka ezindaweni ezakhele iMpangeni. Kukhona naqhamuka eJozini. Iqembu elizodla umhlangani­so lizogoduka noR30 000. Elizohlulw­a kowamanqam­u lizothola uR10 000.

“Konke kuhamba kahle. Amaqembu asephelele. Imiqhudelw­ano enjena iyasiza ekuvundule­ni ikhono kubadlali abasebanca­ne nokwenza babone ukuthi bangaba nekusasa ebholeni uma bezimisela,” kusho uGumede.

Khonamanja­lo, abadlali bebhola baseCato Ridge, uNkanyiso Mngwengwe weLamontvi­lle Golden Arrows, Thamsanqa Mkhize weCape Town City noBongi Ntuli obekade eyibamba kwiPlatinu­m Stars, bahlele umqhudelwa­no ozoba ngoJuni 23 no-24 eBanqobile Sport Field naseManzol­wandle Sports Field. Iqembu elizodla umhlangani­sa lizohlomul­a ngo-R15 000.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDERRICK Spencer ebuka umdlalo noSiboniso Gumede othi usazimisel­e ngokudlala kwiAbsa Premiershi­p UBONGMUSA Mthembu eyoqeda iComrades Marathon ka-2018 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini
Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X UDERRICK Spencer ebuka umdlalo noSiboniso Gumede othi usazimisel­e ngokudlala kwiAbsa Premiershi­p UBONGMUSA Mthembu eyoqeda iComrades Marathon ka-2018 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa