Azivumi izibalo ngomdlalo Imbewu
IZIBALO zakamuva zababukeli kuthelevishini eziphume ngoMsombuluko ebusuku, ziveza ukuthi imidlalo eminingi emisha akuyihambeli kahle uma kuziwa kubabukeli.
Kuleli umdlalo Uzalo usahamba wodwa njengoba unababukeli abalinganiselwa ku-9 373 201.
Lo mdlalo nangonyaka odlule wawuhamba wodwa, ezinhlelweni zethelevishini.
Umdlalo Imbewu okhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, ngo9.30, ebusuku ku-e.tv, ngomunye ofike wangathakaselwa ngabaningi.
Ngokwezibalo lo mdlalo ubukwa ngabantu abangaphezulu kuka-2 208 415.
Lo mdlalo oqoshelwa eThekwini, isiqephu sawo sokuqala sasilindelwe ngabomvu ngabaningi njengoba kwakhulunywa ngaso kakhulu, ababukeli bayithanda indlela oqale ngawo.
Ngesonto lokuqala uqalile, ube ngundabamlonyeni njengoba wakhulumisa abaningi ngezinto ezenzeka emndenini wakwaNgcolosi.
Ngisho abasunguli bawo, uqala bathembisa lukhulu kuwona njengoba kwakuvela ukuthi ukhuluma ngento ehlukile engajwayelekile emidlalweni eminingi kuleli.
Omunye umdlalo izinto ezingahambi kahle kuwona Ingoma ekhonjiswa kuMzansi Magic, ngoMsombukulo ngo-8 ebusuku.
Lo mdlalo oqale ekuqaleni kukaEphreli, ukhuluma ngentsha efuna ukungena endimeni yomculo kodwa ebhekene nezingqinamba ezehlukene.
Umdlalo iTjovitjo okhonjiswa kuSABC1, oqoqe izindondo emcimbili amaSafta kulo nyaka, nawo kuyawubhedela ngababukeli njengoba bengu-3 583 016.
Lo mdlalo obusubuya isizini yesibili, awukho umehluko owenzekile kuwo njengoba nangesizini yokuqala ungenzanga kahle.
Ezinye izinhlelo okungazihambelanga kahle kodwa ezidumile kubalwa kuzo olukaSomizi iLiving with the Dream, Nyan Nyan, Yobe, Isithembiso nezinye.
Imidlalo esalokhu ibambe ngakho njengoba isahamba phambili kusuka ngonyaka odlule kuze kube yilo nyaka kuMzansi Magic, yiThe Queen enababukeli abalinganiselwa ku-1 533 059 nomdlalo oqale ngo-Ephreli, Abomama onababukeli abangu-968 938.