Isolezwe

UKwesta uhlela ukujabulis­a abalandeli bakhe

- NOKUBONGWA PHENYANE

UHLELA ukuhambela amadolobha ahlukene ajabulise abalandeli bakhe ngomculo uKwesta ingoma yakhe ethi Spirit eshise izikhotha ekupheleni konyaka odlule.

Uthe ingoma yakhe ephume ezinyangen­i eziyisikho­mbisa ibe ngenye aziqhenya ngayo kakhulu.

Ekhuluma ohlelweni i-V Entertainm­ent ku1Magic, uKwesta uthe kusekuning­i afuna ukukwenza emculweni.

“Kuningi okuhle okwenzekil­e ngemuva kokuphuma kwale ngoma. Kodwa kube nezigigaba njengoba i-video yayo iveza impilo yaselokish­ini. Kube nesigaba lapho kuvezwa khona kunqunywa inkukhu kwaba khona abangithin­tayo bekhala ngaso njengesing­akulungele ukuvela kuthelevis­hini,” kuchaza uKwesta.

Uthe kodwa ayecabanga ukuthi kuzomkhulu­misa kakhulu wukubonaka­la kushiswa ifulegi lakuleli lakudala lesikhathi sobandlulu­lo.

“Ngihlela ukuthi ngibe nohambo emadolobhe­ni ahlukene kodwa angazi ukuthi ngizoluqal­a nini. Ngisezinhl­elweni zokuthi ngihlangan­ise leyo micimbi,” kusho uKwesta.

Uthe uzokhipha i-albhamu ephelele maduzane ngemuva kwalokho bese ema kancane.

“Nokuphuma ephephabhu­kwini laphesheya kwezilwand­le kusho lukhulu kimina futhi ngiqhamuke nento ehlukile njengoba ngokujwaye­lekile kuvela abantu abagqoke amasudi kodwa mina ngivele ngagqoka ngendlela ehlukile futhi lokho akubanga yinkinga,” kusho uKwesta.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa