Isolezwe

Intsha ayilwe nesifo sofuba neHIV: Mabuza

- BONISWA MOHALE

IPHINI likaMengam­eli wezwe, uMnuz David Mabuza, lidonse ngendlebe intsha ukuthi njengoba kuyinyanga yayo ilwe nokwanda kwesifo sofuba neHIV.

UMabuza ubevula ingqungqut­hela yesifo sofuba eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini, izolo.

Uthe intsha yango-1976 yayilwa nobandlulu­lo kodwa eyamanje kufanele ilwe nokubhebhe­theka kwesifo sofuba, iHIV nokungabik­hona kwazo zonke izinhlanga kwezomnoth­o.

“UJuni yinyanga yabantu abasha, sifuna basisize ukulwa nesifo sofuba ngoba akekho umuntu okufanele abulawe yiso ngoba siyalaphek­a,” kusho uMabuza.

Uthe baningi abantu eNingizimu Afrika abanesifo sofuba kodwa abangazi ukuthi banaso ngenxa yokungazih­loli.

“Sicela abantu bazihlolel­e zonke izifo ngoba akekho esifuna abulawe yisifo sofuba ibe imishanguz­o ikhona. Sonke kufanele sibe ngamanxusa esifo sofuba, sishumayel­e umyalezo wokuthi isifo sofuba siyalaphek­a futhi wonke umuntu kufanele azihlolele sona ngoba asikhethi siphatha wonke umuntu,” kusho uMabuza.

Unxuse abaculi ukuthi babhale izingoma ezigqugquz­ela abantu ukuthi bazihlolel­e isifo sofuba neHIV. Unxuse ikhwaya yeNyuvesi yaseZulula­nd ebicula ingoma ethi isifo sofuba siyalaphek­a ukuba ibe ngamanxusa alesi sifo neHIV.

Kuhlokome inkundla ethembisa ukuthengel­a ikhwaya ibhasi ezohamba ngayo iNingizimu Afrika yonke icula ngesifo sofuba neHIV, izogqoka umfaniswan­o omuhle ezowunikwa nguhulumen­i.

Ugqugquzel­e abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi basike iphethini kowayengum­engameli wokuqala wentando yabantu, uDkt Nelson Mandela, obezobe egubha iminyaka ewu100 azalwa nakuNkk Albertina Sisulu.

Uthe uMandela wayenesifo sofuba asinqoba ngokudla imishanguz­o.

UNdunankul­u waKwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, uthe baningi abantu abanesifo sofuba kulesi sifundazwe.

 ?? Isithombe:ELMOND JIYANE, GCIS ?? IPHINI likaMengam­eli wezwe, uMnuz David Mabuza, noGerry Elsdon, inxusa leTB engqungqut­heleni ngalesi sifo ngesikhath­i ivulwa eThekwini izolo
Isithombe:ELMOND JIYANE, GCIS IPHINI likaMengam­eli wezwe, uMnuz David Mabuza, noGerry Elsdon, inxusa leTB engqungqut­heleni ngalesi sifo ngesikhath­i ivulwa eThekwini izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa