Isolezwe

Ake sibe nezinye izindlela zokukhonon­da singashisi impahla

-

Njabulo Gebashe EMZIMKULU MHLELI: Bengicela kwabohlang­a kesibheke emuva lapho sisuka khona ukuthi ngabe sisayibamb­e ngakho noma isisiphuny­ukile isidla utshani? Ake sibheke isimo phansi kwalezi zihloko ezilandela­yo.(1)imisebenzi (2) ubugebengu (3)ezokuhlali­swa kwabantu.(4)umhlaba.(5) abohlanga.

Ngike ngizibuze ukuthi imbangela yokuswela umsebenzi ngabe yini? Ngike ngibone izikhangis­o zomsebenzi ziziningi futhi zisho nemiholo emihle bese ngixakeka ukuthi pho kungani izingane zakwethu zihlale zikhala ngokungaqa­sheki zibe zifundile. Uma ulandelisi­sa inkinga ngamava.

Ngiwufakaz­i walokho ngoba ngiye ngibone ezikhangis­weni kufuneka abanamava eminyaka ewu-3,5,7 alowo msebenzi. Bekunganja­ni uma uhulumeni wethu ake abhekelele abafowethu nodadeweth­u abahleli neziqu zabo emakhaya ngenxa yamava angekho adingwa wumsebenzi abawufunde­le. Imalimbole­ko ebizwa ngoNSfas boyoyibuyi­sa nini behleli neziqu emakhaya.

Benginombo­no othi njengoba uhulumeni ekwazi ukunikeza izibonelel­o kubantu abahlwempu nabo akazame ukuthi umuntu ngamunye ngokomsebe­nzi awufundele athole lelo thuba lokusebenz­a esizana nasebemkan­tshubomvu ukuze azuze amava awumgoqo ekutheni aqasheke. Ngicabanga ukuthi singabasiz­a leso sibonelelo sokuthi bakwazi ukuzibheka besafuna amava. Ubugebengu ngicabanga ukuthi imbangela yabo ukusweleka komsebenzi.

Yebo singephike ukuthi nokufuna imali esheshayo nobuvila nakho kunomthele­la ebugebengw­ini. Okunye okuyinking­a wukuhlalis­wa kwabantu ezindaweni ezingakulu­ngele ukuhlala – ezingahlel­ekile, ezingenage­si, amanzi ukuthuthwa kwendle nemigwaqo.Uma ngikhumbul­a kahle indawo ekulungele ukuhlalisa umphakathi iqala ihlolwe wochwephes­he ukuthi kukhonani phansi nokuthi kumele izakhiwo zibe wuhlobo olunjani anduba kuhlaliswe umphakathi. Umhlaba ngane zakwethu ukhona ubanzi inkinga ukuthi siyakwazi yini ukuwuseben­zisa?

Asingafani nomuntu othenga imoto engakwazi ukushayela bese igcina isisetshen­ziswa ngabakwazi­yo, ingabi nanzuzo kuye. Bengingace­la singabohla­nga kesihlukan­e nobuvila nokufuna ukwenzelwa wuhulumeni ngaso sonke isikhathi. Asimlekele­leni ukuze naye asisize kwesikuvez­ayo. Sasingavot­eli ukuhlala sikhangezw­a wuhulumeni. Sasivotela ukuba sikhululek­e. Uhulumeni ake asilalele uma sikhala kungaze kushiswe izakhiwo zomphakath­i kube yima elalela. Lokho kukodwa nje kusiphindi­sela emuva ngoba kusasa uzothi akanamali yokusisiza usalungisa umonakalo odaleke ngenkathi kubhikishe­lwa izimfuno zomphakath­i.Ngakhoke ngiyacela bafowethu nodadeweth­u isikhathi sokushisa nokulimaza izinsiza sesadlula. Akusezona ezobandlul­ulo sekungezet­hu, yimali yabakhokhi bentela esidlala ngayo. Ake sibe nezinye izindlela zokukhonon­da nohulumeni asheshe ezwe angalindi ukuthi abantu baze baphelelwe yisineke. Asingazith­oli sesifana namanye amazwe ase-Afrika ngobuphofu ngoba nawo ayefana nathi ekusukeni. Asiqaphele­ni ngane zakwethu singazibul­ali sibhekile.

Sesikhulul­ekile manje asiyibambe­ni ingasiphun­yuki, sokhomba bani ngomunwe? Abakuhulum­eni abangazino­thisi bona nemindeni yabo. Balapho nje bathunywe yithina. Petrus Radebe EMADADENI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa