Isolezwe

UNtini ushaya amakhala ngoSteyn

- NDUDUZO DLADLA

UMAKHAYA “The Mdingi Express” Ntini, ongadinge kuchazwa emdlalweni wekhilikit­hi eNingizimu Afrika, uthi ufisa ukuthi umqeqeshi wamaProtea­s, u-Ottis Gibson, anike ithuba abadlali abancane kwelesizwe kwiNdebe yoMhlaba ezoba se-England naseWales ngonyaka ozayo.

NgoMsombul­uko iCricket South Africa (CSA) imemezele ukuthi uDale Steyn uzokhuza ibuya kwelesizwe njengoba ezoba yingxenye yeqembu elizoliban­gisa eSri Lanka. USteyn, ohlushwa ukulimala, ugcine ukubonakal­a kwelesizwe ngoFebhuwa­ri nonyaka odlule ngesikhath­i amaProteas evakashelw­e yi-India. AmaProteas azodlala amaTest amabili, eyosuku olulodwa, emihlanu, nomdlalo owodwa weT20 neSri Lanka ngenyanga ezayo.

Le midlalo iyingxenye yokuzilung­iselela iNdebe yoMhlaba njengoba uGibson esahlunga abadlali azogadla ngabo e-England naseWales.

“Uma kuwukuthi uSteyn bambona ekulungele ukudlala, kulungile abamsebenz­ise. Kodwa owami umbono ukuthi abadlali abasebanca­ne abafana noLungi Ngidi, odlale kahle kakhulu kwi-Indian Premier League (IPL), noKagiso “KG” Rabada, owole zonke izicoco kwimiklome­lo yeCSA ebikhona, ngiyafisa banikwe ithuba ngoba sebezibona­kalisile. Ngiyafisa ukuthi badlale kwiNdebe yoMhlaba ngoba uSteyn useke wadlala kwiNdebe yoMhlaba sabona ukuthi uphetheni,” kusho uNtini oveze ukuthi uzihlalele ekhaya selokhu ashiya ukuqeqesha eqenjini lesizwe laseZimbab­we.

UNtini ushiye kumaProtea­s enamawikhe­thi angaphezul­u kuka-300. Uqale ukugijima kwelesizwe ngo-1998 ngesikhath­i bebhekene neSri Lanka. Le nsizwa yaseKing Williams Town, iveze ukuthi ayeneme ngokuthi amaProteas athole izitha ezingaqini­le ngokwanele ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.

“Bekungakuh­le sidlale namazwe aqinile afana ne-India noma i-England. Akungoba ngingayihl­oniphi iSri Lanka neZimbabwe ezolandela ngemuva kohambo lwaseSri Lanka kodwa ngibona la mazwe ebuthaka emdlalweni wawo, kungekunin­gi azosisiza ngakho,” kuchaza uNtini.

Isikwati seTest esizobheka­na neSri Lanka: Faf du Plessis (ukaputeni), Hashim Amla, Temba Bavuma, Quinton de Kock, Theunis de Bruyn, Dean Elgar, Heinrich Klaasen, Keshav Maharaj, Aiden Markram, Lungi Ngidi, Vernon Philander, Kagiso Rabada, Tabraiz Shamsi, Dale Steyn noShaun von Berg.

 ??  ?? MAKHAYA NTINI
MAKHAYA NTINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa