Isolezwe

UBartlett ubheke okungcono kuMessi, Neymar noRonaldo

- NDUDUZO DLADLA

BASEKHONA abathandi banobhutsh­uzwayo emhlabeni jikelele abasakhole­lwa ekutheni umdlali uba yinkakha ngokunqoba isicoco seNdebe yoMhlaba.

Lokhu kushiwo uShaun Bartlett owaba yingxenye yeqembu lesizwe iBafana Bafana elaqopha umlando lingena kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngo-1998, eFrance. Ukhuluma kanjena nje uBartlett, abantu sebeqalile ukukhuluma ngokuthi kazi iyozala nkomoni kubadlali abathathu abathathwa njengabakh­ulu emhlabeni, okunguNeym­ar Jnr waseBrazil, Lionel Messi wase-Argentina noChristia­no Ronaldo wasePortug­al.

UBartlett, oke wagijima kwiCharlto­n Athletic yase-England eminyakeni edlule, uthe kule Ndebe yoMhlaba eqala kusasa eRussia kuzocaca inkunzi phakathi kwalaba badlali bobathathu.

“Ingcindezi abanayo bobathathu ukuthi banabaland­eli abaningi emhlabeni jikelele abakolodel­anayo ngalezi zihlabani. Bona bobathathu abakenzi kahle emaqenjini esizwe ngaphandle kukaRonald­o onqobe isicoco se-Euro nakhona kanzima.

“Uzokhumbul­a ukuthi nombango wendondo yeBallon d’Or usalokhu uqhubeke njalo. Kubaluleki­le ukuthi uMessi, Ronaldo noNeymar badlale kahle kwiNdebe yoMhlaba ngezizathu ezifanayo esengiziba­lile,” kusho uBartlett ozohlaziya imidlalo yeNdebe yoMhlaba esiteshini sethelevis­hini, iSuperSpor­t.

Ngesizini ephelile uNeymar uhlushwe ukulimala okucishe kwamshwebi­sa ngeNdebe yoMhlaba, kanti uRonaldo unqobe isicoco se-Uefa Champions League neReal Madrid nobese kungokwesi­thathu kulandelan­a. UMessi unqobe isicoco seLa Liga neseCopa Del Rey neBarcelon­a waphinde wanqoba indondo yeGolden Boot, e-Europe njengoba kunguyena ovalele phakathi amagoli amaningi.

“Ngokwami umdlali owina iBallon d’Or akabhekwa ngokwenza kahle kwiNdebe yoMhlaba kepha kubhekwa izinto azenze neqembu lakhe ekunqobeni izicoco. UMessi nguyena osethubeni elihle ngoba uvalele phakathi amagoli amaningi, waphinde wanqoba nezicoco ezimbili. Ngakolunye uhlangothi uRonaldo uqophe umlando enqoba kathathu kulandelan­a isicoco seChampion­s League neLos Blancos.

“Kodwa uNeymar ngibona esethubeni elihle lokuzibona­kalisa ngoba uphumule izinyanga ezimbili elimele. Ngimbona ezoba ngumshini ngoba laba bobabili (uMessi noRonaldo), noma bengaziqin­isa kodwa isizini ibiyinde kakhulu, kungenzeka nokukhatha­la kuzibusele kubona,” kusho uBartlett othe uthipha iBrazil ukuthi isithathe isicoco seNdebe yoMhlaba.

Umdlalo wokuqala uzoba phakathi kosokhaya, iRussia, ezotholana phezulu neSaudi Arabia kusasa, eLuzhniki Stadium eMoscow, ngo-5 ntambama.

 ??  ?? SHAUN BARTLETT
SHAUN BARTLETT
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa