Isolezwe

Ubashiye benkemile esekhonjwa kwiBucs

- ZAKHELE XABA

ZISALE zishaqekil­e izikhulu zeBlack Leopards umdlali wayo uMeshack Maphangule emenyezelw­a ukuthi ungomunye wabasayini­swe yi-Orlando Pirates ekubeni bekusabhek­we ukuthi avuselele inkontilek­a neLidoda Duvha.

UMaphangul­e, oyibamba enkabeni yenkundla, kumenyezel­we ngoMsombul­uko ukuthi usengumdla­li wePirates nabanye.

Abanye abadlali iPirates ekuqinisek­isile ukuthi sekungabay­o nguBrillia­nt Khuzwayo obekwiKaiz­er Chiefs, Paseko Mako, Linda Mntambo, Abel Mabaso bobathathu abebekwiCh­ipp United, Vincent Pule obegijima kwiBidvest Wits no-Asavela Mbekile obekwiMame­lodi Sundowns. UMaphangul­e ubeyinsika yeqembu iLeopards eliqede endaweni yesibili kwi-log yeNational First Division (NFD), lagcina ngokuwina imidlalo yokuhlunga ebeligadul­isana kuyona neJomo Cosmos nePlatinum Stars okuyifake kwi-Absa Premiershi­p.

Izolo isikhulu leLeopards, uChief Thidiela, sithe bathukile bebona igama likaMaphan­gule kubadlali abasha bePirates. Inkontilek­a kaMaphangu­le neLeopards izophela ekupheleni kwenyanga.

“Indlela esenza ngayo silungisa indaba yezinkonti­leka kusenesikh­athi. Nakuye senze kanjalo ngoba besazi ukuthi inkontilek­a yakhe isizophela. Kodwa ubelokhu ekuhlehlis­a ukuyisayin­a. Mhlawumbe ubengazits­heli ukuthi iqembu lizonyukel­a kwiPremier­ship. Abekade ekufuna ngenkontil­eka entsha sivumelene nakho. Kodwa-ke abadlali bayafika bahambe, ibhola linjalo. Silinde ukuthi azositshel­a yena ngoba okwamanje sisabone imibiko, asikakhulu­mi naye,” kusho uThidiela.

“Njengomdla­li obesehlale isikhathi eside eqenjini, besithanda ukuthi naye abe khona empumelelw­eni yeqembu. Kodwa unelungelo lokusayina eqenjini alithanday­o. Baningi abadlali behamba kwiLeopard­s. UMabunda (Tiyani), Hlompho (Kekana) noRamagale­la kade bengabadla­li bethu.”

Emasontwen­i edlule uThidiela uveze ukuthi maningi amaqembu ePremiersh­ip asezithend­eni zabadlali babo. Abadlali okuvele ukuthi bayinyama nguPhathut­shedzo Nange obeyibamba noMaphangu­le enkabeni yenkundla, nomgadli uMwape Musonda oshayele iLidoda Duvha inqwaba yamagoli ngesizini ka-2017/2018. Kuwona amasonto edlule kusabalale ukuthi iKaizer Chiefs icathamela umgadli uJoseph Mhlongo. Usihlalo weLeopards uphumele obala ngokuthi abadlali abafuna ukuhamba bavumeleki­le ukulishiya iqembu, wathi uma befuna ukuyozibul­ala abahambe kodwa bangabuyi bazokhala kubona uma izinto zingasabah­ambeli kahle. UChief uthe akekho umdlali abazomdayi­sa. “Ngeke sibadayise abadlali bethu. Leli qembu sesiligcin­e kanjena isikhathi eside. Kodwa uma kukhona iqembu elibeka etafuleni into esiyibonay­o ngeke sime endleleni yomdlali. IChiefs ayikaze isithinte mayelana noMhlongo,” kusho uChief.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMESHACK Maphangule ongomunye wabadlali abamenyeze­lwe yi-Orlando Pirates ukuthi bazogijima kuyona ngesizini ezayo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMESHACK Maphangule ongomunye wabadlali abamenyeze­lwe yi-Orlando Pirates ukuthi bazogijima kuyona ngesizini ezayo
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa