Bawethule eKZN owendumezulu ye-jazz

Isolezwe - - IZINDABA - NOKUBONGWA PHENYANE

UKWANDA kwabaculi be-jazz abaqhamuka KwaZulu-Natal kuphoqe abahleli bomcimbi iStandard Bank Joy of Jazz kulo nyaka ukuthi bazokwethula izinhlelo zalo mcimbi oba seGoli kulesi sifundazwe. Izolo abezindaba batshelwe ngezinhlelo zomcimbi ozoqala ngoSepthemba 27 uphele ngo-29, eSandton Convention Centre, eGoli.

Abahleli bomcimbi bathe babone ingekho indawo engcono yokwethula izinhlelo zomcimbi edlula lesi sifundazwe.

UMantwa Chinoamadi, osethimbeni elihlela umcimbi, uthe ukwanda kwabaculi kulesi sifundazwe abazoba semcimbini kusho lukhulu kubona.

“Kulo nyaka kubaculi abaningi abazonandisa abaseKZN bahamba phambili. Kungakho sila namhlanje, sizonxusa nabantu ukuthi baphume ngobuningi bazosixhasa,” kusho uMantwa.

Uthe ngosuku lokuqala kuzoba nomcimbi wokuhlonipha ingqalabutho emculweni we-jazz, uHugh Masekela, edlule emhlabeni ekuqaleni kwalo nyaka.

“Kuzonandisa abaculi okukhona kubo uKhaya Mahlangu, Mthunzi Mvubu, Tsepo Tsotetsi nabanye,” kusho uMantwa.

Emcimbini wesibili kuzonandisa uGloria Bosman, Letta Mbuli, Sands Live waseSwazini, Bilal wase-USA nabakwamanye amazwe.

Ngosuku lokugcina kuzonandisa u-Oliver Mtukudzi waseZimbabwe, Mbuso Khoza, Nduduzo Makhathini nabanye.

USipho Dlamini, ongumphathi womcimbi, uthe ukugcwala kwabaculi baphesheya kwezilwandle nabakwamanye amazwe kwenziwe wukuthi babathinta kusenesikhathi.

“Abaculi bakuleli banomkhuba wokusibuza ukuthi kungani bengekho kodwa sihlale sisho ukuthi kumele baxhumane nathi kusenesikhathi uma befuna ukuba yingxenye yomcimbi. Abaphesheya basitshela kusenesikhathi ukuthi ngenyanga yalo mcimbi bazobe bekuleli ngakho bacela ukuba kuwo,” kuchaza uSipho.

Uhlelo lomcimbi beluphethwe umsakazi woKhozi FM, uMandla Mdletshe.

Isithombe: SIBUSISO NDLOVU

BATHEMBISA into yamehlo abahleli bomcimbi iStandard Bank Joy of Jazz okucelwe abantu baKwaZuluNatal ukuthi baphume ngobuningi babo beze kwindumezulu yomcimbi oba seGoli ngoSepthemba. Abasesithombeni uSipho Dlamini, Mbuso Khoza, Mantwa Chinoamadi noMandla Mdletshe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.