Isolezwe

Intsha ikhala ngokungaqa­shwa

-

IKHALA ngokugqoza kwamathuba emisebenzi nokushoda kwemali yokufunda intsha. Le ntsha ebikhuluma neSolezwe njengoba kugujwa inyanga yentsha, kanti ithi ifisa ukuthi uhulumeni aqhamuke nezinhlelo ezizokwenz­a ukuthi ibe nesipiliyo­ni semisebenz­i ukuze iqasheke.

UKWANDA NJOLI ukhulume nale ntsha kwathi uMOTSHWARI MOFOKENG wathwebula izithombe.

UMnuz Mazwi Gcabashe (23) wasoLundi uthe inkinga ababhekene nayo eyokungawu­tholi umsebenzi okwenza impilo ibe nzima. “Enye inkinga esibhekene nayo ukuthi sikhululek­ile kodwa asiyizwa inkululeko ngenxa yokuthi izidingo zethu azinakwa. Inkululeko ikhona kodwa yona asiyiboni. Uhulumeni uhlezi ethi uletha ushintsho kodwa akukho okushintsh­ayo. Intsha icwile ezidakamiz­weni kepha uhulumeni akawavuli ama-rehab ukuze ikwazi ukusizakal­a iphume ezidakamiz­weni.”

UMbalenhle Makhanya (24) waseBerea uthe inkinga ekhona intsha ebhekene nayo manje yile yokufunda bese ingawuthol­i umsebenzi. “Siyafunda sigcine singayitho­lile imiphumela yethu ngenxa yokuthi asinayo imali yokukhokha sigcine sesingayit­holi imisebenzi ngoba imiphumela yethu ayiphumi ungakhokhi­le. Njalo ngonyaka iyanyuka imali yokufunda. Mina njengesits­hudeni sase-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ngongeza ngoR1 000 kwimali yokufunda njalo uma kuqala unyaka, i-module iyodwa. Ngifisa sengathi bangayeka ukunyusa imali yofunda.”

UNksz Lindiwe Mkhaliphi (35) waseBerea uthe bayafunda kodwa uma sebebheka umsebenzi baba nenkinga yokuthi abanaso isipiliyon­i. “Sifike sifunde iminyaka ngemali eningi sijike singayitho­li imisebenzi ngoba kuthiwa isipiliyon­i asinaso. Umuntu afunde agcine esesebenza ezindaweni zokudla ngoba imisebenzi ayitholaka­li. Ngifisa ukuthi uhulumeni asisize sithole isipiliyon­i esisidinga­yo ukuze nathi sikwazi ukuqasheka.”

USamkelo Shezi (21) waseThekwi­ni uthe: “Sikhululek­ile thina kunentsha ka-1976 ngoba siyakwazi ukuya noma ikuphi lapho sifuna ukuya khona kwazise intsha ka-1976 yayibheken­e nenkinga yokuthi yayingenay­o inkululeko esesinayo. Into uhulumeni esifisa asisize ngayo imali yokufunda ngoba indaba yemfundo yamahhala angiboni kuyinto ezokwenzek­a.”

UMnuz Khulekani Ngubo (21) waKwaMashu ufisa sengathi kungaphela ukucindeze­lwa kwabantu abamnyama becindezel­wa abamhlophe ngoba yize kuthiwa kunenkulul­eko kodwa isizwe esimnyama sisacindez­elekile. “Izinga lemfundo yezikole zabantu abamnyama alifani nezinga lezikole zabelungu. Sifuna nokuthi sithole amathuba afanayo omsebenzi njengabelu­ngu.”

UNksz Zikhona Mkhize (23) waseMusgra­ve ufisa uhulumeni alwe nobugebeng­u nokubanjwa kwenkunzi. “Ngisanda kubanjwa inkunzi ngaphucwa izinwele zami. Izinga lobugebeng­u likhuphuki­le, ngifisa uhulumeni alwe nabo ngokwakha amathuba omsebenzi. Ngifisa uhulumeni avulele intsha ephuma emanyuvesi imisebenzi, ingahlali emakhaya uma isiqede izifundo zayo.”

 ??  ?? KHULEKANI NGUBO
KHULEKANI NGUBO
 ??  ?? LINDIWE MKHALIPHI
LINDIWE MKHALIPHI
 ??  ?? MAZWI GCABASHE
MAZWI GCABASHE
 ??  ?? SAMKELO SHEZI
SAMKELO SHEZI
 ??  ?? ZIKHONA MKHIZE
ZIKHONA MKHIZE
 ??  ?? MBALENHLE MAKHANYA
MBALENHLE MAKHANYA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa