Intsha ikhala ngokungaqashwa
IKHALA ngokugqoza kwamathuba emisebenzi nokushoda kwemali yokufunda intsha. Le ntsha ebikhuluma neSolezwe njengoba kugujwa inyanga yentsha, kanti ithi ifisa ukuthi uhulumeni aqhamuke nezinhlelo ezizokwenza ukuthi ibe nesipiliyoni semisebenzi ukuze iqasheke.
UKWANDA NJOLI ukhulume nale ntsha kwathi uMOTSHWARI MOFOKENG wathwebula izithombe.
UMnuz Mazwi Gcabashe (23) wasoLundi uthe inkinga ababhekene nayo eyokungawutholi umsebenzi okwenza impilo ibe nzima. “Enye inkinga esibhekene nayo ukuthi sikhululekile kodwa asiyizwa inkululeko ngenxa yokuthi izidingo zethu azinakwa. Inkululeko ikhona kodwa yona asiyiboni. Uhulumeni uhlezi ethi uletha ushintsho kodwa akukho okushintshayo. Intsha icwile ezidakamizweni kepha uhulumeni akawavuli ama-rehab ukuze ikwazi ukusizakala iphume ezidakamizweni.”
UMbalenhle Makhanya (24) waseBerea uthe inkinga ekhona intsha ebhekene nayo manje yile yokufunda bese ingawutholi umsebenzi. “Siyafunda sigcine singayitholile imiphumela yethu ngenxa yokuthi asinayo imali yokukhokha sigcine sesingayitholi imisebenzi ngoba imiphumela yethu ayiphumi ungakhokhile. Njalo ngonyaka iyanyuka imali yokufunda. Mina njengesitshudeni sase-University of KwaZulu-Natal (UKZN) ngongeza ngoR1 000 kwimali yokufunda njalo uma kuqala unyaka, i-module iyodwa. Ngifisa sengathi bangayeka ukunyusa imali yofunda.”
UNksz Lindiwe Mkhaliphi (35) waseBerea uthe bayafunda kodwa uma sebebheka umsebenzi baba nenkinga yokuthi abanaso isipiliyoni. “Sifike sifunde iminyaka ngemali eningi sijike singayitholi imisebenzi ngoba kuthiwa isipiliyoni asinaso. Umuntu afunde agcine esesebenza ezindaweni zokudla ngoba imisebenzi ayitholakali. Ngifisa ukuthi uhulumeni asisize sithole isipiliyoni esisidingayo ukuze nathi sikwazi ukuqasheka.”
USamkelo Shezi (21) waseThekwini uthe: “Sikhululekile thina kunentsha ka-1976 ngoba siyakwazi ukuya noma ikuphi lapho sifuna ukuya khona kwazise intsha ka-1976 yayibhekene nenkinga yokuthi yayingenayo inkululeko esesinayo. Into uhulumeni esifisa asisize ngayo imali yokufunda ngoba indaba yemfundo yamahhala angiboni kuyinto ezokwenzeka.”
UMnuz Khulekani Ngubo (21) waKwaMashu ufisa sengathi kungaphela ukucindezelwa kwabantu abamnyama becindezelwa abamhlophe ngoba yize kuthiwa kunenkululeko kodwa isizwe esimnyama sisacindezelekile. “Izinga lemfundo yezikole zabantu abamnyama alifani nezinga lezikole zabelungu. Sifuna nokuthi sithole amathuba afanayo omsebenzi njengabelungu.”
UNksz Zikhona Mkhize (23) waseMusgrave ufisa uhulumeni alwe nobugebengu nokubanjwa kwenkunzi. “Ngisanda kubanjwa inkunzi ngaphucwa izinwele zami. Izinga lobugebengu likhuphukile, ngifisa uhulumeni alwe nabo ngokwakha amathuba omsebenzi. Ngifisa uhulumeni avulele intsha ephuma emanyuvesi imisebenzi, ingahlali emakhaya uma isiqede izifundo zayo.”