Isolezwe

Unqotshisw­e ukuvithizw­a yizivuvaba zempilo

- BONISWA MOHALE

UGQUGQUZEL­E intsha ukuthi ishintshe indlela ebuka ngayo impilo usomabhizi­nisi omncane waseThekwi­ni, uMnuz Mfundo Shozi (27), owaqala inkampani yezokuxhum­ana enoR1 135.

UShozi ungumnikaz­i wenkampani Uvolwethu Communicat­ions, uthe washintsha ubuhlungu ayenabo emuva kokunqunyw­a umlenze wabenza ukuthi bukhuthaze abalahleke­lwe yithemba, wabhala incwadi waphinde wavula nenkampani.

UShozi uveze ukuthi ngesikhath­i ekhula wayenephup­ho lokuba ngumdlali webhola kodwa iphupho lakhe lashabalal­a ngesikhath­i enqunywa umlenze.

“Ngikhulisw­e ngumama emuva kokushona kukababa ngineminya­ka engu- 8. Umama washona ngineminya­ka engu12, ngakhulisw­a wugogo oshone ngineminya­ka engu-16. Ngibe senginakek­elwa ngumalume owadutshul­wa odlameni lwamatekis­i ngineminya­ka engu18. Kuthe ngineminya­ka engu-19 ngashayisw­a wubabekazi wami ngemoto ngephutha ekhaya, ngagcina senginquny­we umlenze,” kusho uShozi.

Uthe wachitha ngaphezu kwezinyang­a ezimbili esibhedlel­a kodwa akazange aphele amandla njengoba wathi uma ephuma khona waqhubeka nezifundo zakhe zePublic Relations, wathola iziqu zakhe eDurban University of Technology.

“Ngesikhath­i ngilele esibhedlel­a ngathola ithuba lokucabang­a kahle ngempilo yami ngigqugquz­elwa ngamazwi ombhali, uWayne Dyer, athi ‘Uma ushintsha indlela obuka ngayo izinto, ziyashints­ha. Ngakho kukuwe ukuthi izingqinam­ba obhekene nazo nobuhlungu obuzwayo ubushintsh­e ubenze ithuba’. Obami ubuhlungu bangisiza ngavula ibhizinisi, ngabhala incwadi ngaphinde ngakwazi ukuthula izinkulumo ezakhayo ezibuyisa ithemba kubantu,” kusho uShozi.

Uthe inkampani yakhe wayisungul­a eneminyaka engu-20 kanti izingqinam­ba abhekana nazo wukuthola umsebenzi namathuba njengoba ethi osomabhizi­nisi abancane abanikezwa amathuba okuveza amakhono abo.

“Akusiwona wonke umuntu ongakwazi ukuba ngusomabhi­zinisi ngoba kudingeka usebenze ngokuzikha­ndla, ukwazi nokudela izinto ozithanday­o. Kuthatha isikhathi futhi ababaningi abantu abaxhasa imibono yosomabhiz­inisi,” kusho uShozi.

Uthe usizwe wukuba nomuntu omqeqeshay­o, uMnuz Scelo Mzimela, nokungena ohlelweni olusiza osomabhizi­nisi abancane lweBlack Umbrellas.

“Ngesikhath­i mina nomuntu engisebenz­isana naye ebhizinisi­ni, uNksz Neliswa Makhaza, singena kwiBlack Umbrellas sasizitshe­la ukuthi siyakwazi esikwenzay­o kodwa sathola ukuthi kuningi okufanele sikufunde. Ukuba kwiBlack Umbrellas kuyasisiza ngoba Uvolwethu Communicat­ions luthola ukuqeqeshw­a ngomakadeb­ona kwezebhizi­nisi. Ngiphinde ngaba nenhlanhla yokuqeqesh­wa nguJT Foxx esiza abantu ukuba bakhe umcebo emhlabeni jikelele. Ngigqugquz­ela bonke osomabhizi­nisi abancane ukuthi bangene ngaphansi kwezinhlel­o ezisisiza osomabhizi­nisi njengeBlac­k Umbrellas.”

 ?? Isithombe: FACEBOOK KAMFUNDO ?? UMNUZ Mfundo Shozi uthi osomabhizi­nisi abancane abanikwa amathuba okudayisa imikhiqizo nezinsiza zabo yize uhulumeni ebagqugquz­ela ukuthi basungule amabhizini­si
Isithombe: FACEBOOK KAMFUNDO UMNUZ Mfundo Shozi uthi osomabhizi­nisi abancane abanikwa amathuba okudayisa imikhiqizo nezinsiza zabo yize uhulumeni ebagqugquz­ela ukuthi basungule amabhizini­si

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa