Amaphoyisa aseMatendeni adinga okungcono
Eugene Biyela MHLELI: Ngihlala kwa-F eNtuzuma. Nganginenkinga kufanele ngibonane nabomthetho ngaya ekamu yami iNtuzuma. Yinhle yini pho, yakhiwa ngobunono obesabekayo.
Ngalubeka udaba lwami kodwa kwathiwa kufanele ngiye ekamu yaseNew Town (eMatendeni). Nganikela khona kodwa ngathi ngiqhamuka nje ngavele ngalilahla ithemba. Selokhu ngaba khona angikaze ngize ngiyibone ikamu enjeya. Yimijondolo engingayazi ngeke ngifise ukuhlwelwa ngakhona ngoba kangazi ukuthi ngingalalaphi.
Ngafica iphoyisa lesifazane nelesilisa. Ngeke ukholwe ukwamukelwa okunjeya, imfudumalo nenhlonipho engayithola laphana iyamangalisa. Iphoyisa lesifazane lahlala phezu kocingo labe lizibiza emoyeni ezikaDalawane. Akuphelanga mizuzu emingaki kwathiwa angiyoma esangweni, ngempela yaqhamuka iveni yangithatha yangiyisa lapho ngangifuna ukusizwa khona. Ngempela kubambephi kuhulumeni ukuthi akhele la maphoyisa isiteshi esezingeni lawo?
Asekhona amaphoyisa azimiselayo ngomsebenzi wawo, asebenzela umphakathi ngeqiniso, hhayi udumo lokuthi ngiyiphoyisa.
Ngiyazi izwi lomfokazana kalinakwa kodwa amaphoyisa aseNew Town adinga indawo ehloniphekile ngoba ajoyina umbutho wokusiza umphakathi adela impilo yawo. N S Duma