Isolezwe

Amaphoyisa aseMatende­ni adinga okungcono

-

Eugene Biyela MHLELI: Ngihlala kwa-F eNtuzuma. Nganginenk­inga kufanele ngibonane nabomtheth­o ngaya ekamu yami iNtuzuma. Yinhle yini pho, yakhiwa ngobunono obesabekay­o.

Ngalubeka udaba lwami kodwa kwathiwa kufanele ngiye ekamu yaseNew Town (eMatendeni). Nganikela khona kodwa ngathi ngiqhamuka nje ngavele ngalilahla ithemba. Selokhu ngaba khona angikaze ngize ngiyibone ikamu enjeya. Yimijondol­o engingayaz­i ngeke ngifise ukuhlwelwa ngakhona ngoba kangazi ukuthi ngingalala­phi.

Ngafica iphoyisa lesifazane nelesilisa. Ngeke ukholwe ukwamukelw­a okunjeya, imfudumalo nenhloniph­o engayithol­a laphana iyamangali­sa. Iphoyisa lesifazane lahlala phezu kocingo labe lizibiza emoyeni ezikaDalaw­ane. Akuphelang­a mizuzu emingaki kwathiwa angiyoma esangweni, ngempela yaqhamuka iveni yangithath­a yangiyisa lapho ngangifuna ukusizwa khona. Ngempela kubambephi kuhulumeni ukuthi akhele la maphoyisa isiteshi esezingeni lawo?

Asekhona amaphoyisa azimiselay­o ngomsebenz­i wawo, asebenzela umphakathi ngeqiniso, hhayi udumo lokuthi ngiyiphoyi­sa.

Ngiyazi izwi lomfokazan­a kalinakwa kodwa amaphoyisa aseNew Town adinga indawo ehloniphek­ile ngoba ajoyina umbutho wokusiza umphakathi adela impilo yawo. N S Duma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa