Isolezwe

Ogijime iComrades nomthungo usazophind­a

- LUNGILE MAJOKA

OWESIFAZAN­E ogijime iComrades Marathon enezinyang­a ezine ebelethe ngomthungo uthi yize ethwale kanzima kulo mjaho obungempel­asonto kodwa usazobuya nangonyaka ozayo.

Bekungokwe­sibili uRose Nkosi (39) egijima lo mjaho olinganise­lwa ku-90km. Uwungenele okokuqala nyakenye, wagijima ekhulelwe engazi wagcina engaqedang­a.

NgeSonto yena nezinkulun­gwane zabanye abagijimi basuke eMgungudlo­vu bayoqeda eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. UNkosi uqophe u-8:48:07.

Lo mama wezingane ezimbili, umfana ona-17 noLesedi amthole ngoJanuwar­i, uthe bekunzima endleleni.

Ngesikhath­i eqeda uthe bekukhona ukopha okuncane emthungwen­i.

“Ngizoya kobona udokotela angichazel­e ukuthi yini inkinga. Kodwa akukho okuyongihl­ukanisa nokugijima. Endleleni bekunzima nokho ngigcine ngikwazile ukuqeda njengoba nomalume wami ubengikhut­haza endleleni. Ngiyajabul­a ngokuthi ngiqedile kodwa angigculis­ekile ngesikhath­i engisishay­ile. Ngonyaka ozayo ngifuna ukugijima amahora ayisikhomb­isa,” kusho uNkosi obekhuluma neSolezwe izolo esalulama kwizidubul­o zomjaho kubo ePitoli.

Umalume wakhe uThomas Mbuyane obegijima umjaho ka-25 nguyena athi umfakele uthando lweComrade­s.

“Endleleni besihambis­ana naye kodwa hhayi yonke indlela, ubengikhut­haza.”

Uvumile ukuthi ukugijima kwakhe nomthungo osemusha kuphambene nezeluleko azithola kodokotela.

“Bangizitsh­ela ukuthi ngizolulam­a ngokugcwel­e ezinyangen­i ezintathu kodwa mina ngemuva kwamasonto amathathu ngase ngigijima. Ngiyazi ukuthi kuyingozi kodwa ngazitshel­a ukuthi akukho ongeke ukwenze ngoNkulunk­ulu. NgoJulayi ngizoqala ngingene emgwaqeni ngiziqeqes­hela imijaho elandelayo,” kusho yena.

Imijaho ayibhekile iJacaranda City Marathon engo-Okhotha neSoweto Marathon.

“Ngifuna ukusebenzi­sa iJacaranda ukuzibekis­ela indawo kwiComrade­s Marathon yangonyaka ozayo,” kusho uNkosi. ISoweto Marathon yona izokuba ngoNovemba.

Abagijimi abafuna ukungena kwiComrade­s kumele benze isikhathi esingekho ngaphezulu kwamahora amahlanu emijahweni ka-42km.

 ?? Isithombe: SHELLEY KJONSTAD/ African News Agency (ANA) ?? UMGIJIMI weComrades Marathon uRose Nkosi ephethe ingane yakhe enezinyang­a ezine ngaphambi kokugijima ngeSonto
Isithombe: SHELLEY KJONSTAD/ African News Agency (ANA) UMGIJIMI weComrades Marathon uRose Nkosi ephethe ingane yakhe enezinyang­a ezine ngaphambi kokugijima ngeSonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa