Isolezwe

Izinhlelo ezintsha kweyeCAF zimshayisa uvalo uMngqithi

- NDUDUZO DLADLA

AKAKUNGABA­ZI ukuthi azothwala kanzima amaqembu aseNingizi­mu Afrika azoyibamba kwiCAF Champions League nakwiCAF Confederat­ion Cup, uManqoba “TV” Mngqithi, oyiphini lomqeqeshi kwiMamelod­i Sundowns, njengoba sekushints­hwe isikhathi sokuqala kwalo mqhudelwan­o. Eminyakeni edlule imiqhudelw­ano engaphansi kweConfede­rations of African Football (Caf) ibiqala ngoFebhuwa­ri igoqwe ngoNovemba. Nokho ngemuva kwezinguqu­ko zakamuva ezenzeke sekungene umengameli omusha kwiCAF, u-Ahmad Ahmad, le miqhudelwa­no isizoqala ngoDisemba isongwe ngoMeyi. Ngesikhath­i kuphuma lesi simemezelo sashayelwa elikhulu ihlombe kuleli kwazise sasizohamb­isana nesizini ye-Absa Premiershi­p.

UMngqithi, oyiphini lomqeqeshi kwiMamelod­i Sundowns enqobe isicoco seCAF Champions League ngo-2016, uthe kusheshe kwajatshul­wa kuleli njengoba ethi kuzoba lukhuni satshe ukuthi amaqembu azinikele ngokuphele­le kulo mqhudelwan­o ngenxa yemiqhudel­wano engaphansi kwe-Absa Premiershi­p ezoqondana neyeCAF.

“Ngibona kuzoba nzima kakhulu ukuthi amaqembu aseNingizi­mu Afrika enze kahle kule sizini emiqhudelw­aneni engaphansi kweCAF. Lokhu ngikusho ngoba kunzima ukuhambela amazwe aseAfrika njengoba amabhanoyi engahambi aqonde ngqo ezweni kepha ejikeleza kwamanye amazwe lokho okugcina kuthathe isikhathi eside. Akufani naseEurope njengoba khona uma uhamba isikhathi eside kuba ngamahora amahlanu. Kungakho sibona ne-Uefa Champions League iqhubeka kahle ngaphandle kwezihibe,” kusho uMgqithi.

Lo mqeqeshi uphinde waveza ukuthi ukuthatha uhambo lwase-Afrika kumba eqolo futhi kuthatha amahora amaningi ukuya kwamanye amazwe, ikakhuluka­zi asenhla ne-Afrika.

“Ake ngenze isibonelo ngokusuka lapha uye eGuinea. Awukwazi ukusuka lapha eNingizimu Afrika uye kuleliya zwe uqonde ngqo. Lokhu kwenza ukuthi uthathe indiza eyisipeshe­li engingacab­angi ukuthi wonke amaqembu angakwazi ukukhokha leyo mali. Noma kunjalo kusithathe amahora angaphezu kangu-20 ukufika eConakry ngoba sisuke lapha saya e-Ethiopia, sasuka khona saya e-Ivory Coast kwaba yima sifika eConakry,” kuqhuba lo mqeqeshi.

UMngqithi uthe ufisa ukubona ukuthi ngabe iyozala nkomoni kule Champions League ezoqala ngoDisemba igoqwe ngoMeyi.

“Uma ngingakhul­uma iqiniso mina ngibona into engeke nhlobo ize yenzeke. Uzokhumbul­a ukuthi ngaphansi kwe-Absa Premiershi­p sisuke simatasa nakhona njengoba kusuke sekushubil­e kweyeligi, kuqhubeka nomqhudelw­ano iNedbank Cup nayo iChampions League. Ngibona amaqembu akuleli ezoba nenkulu inkinga. Nanka akanke umbombo, ngiyafisa ukubona ukuthi iyozala nkomoni,” kusho yena.

Amaqembu akuleli azoba yingxenye yemiqhudel­wano yeCAF, iSundowns ne-Orlando Pirates abazodlala kwiChampio­ns League, kuzothi iKaizer Chiefs neFree State Stars badlale kwiConfede­ration Cup.

ISundowns izobhekana ne-AS Togo kwiChampio­ns League ngoJulayi 17.

 ??  ??
 ??  ?? MANQOBA MNGQITHI
MANQOBA MNGQITHI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa