Ukufa kuphinde kwagadla kumasipala

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

SEKUSHONE elinye ikhansela le-ANC KwaZuluNatal, uMnuz Lawrence Sibusiso Vanda obeyikhansela laku-ward 28 kuMasipala iRay Nkonyeni.

UVanda (46) yikhansela lesine elidlule emhlabeni kuMasipala waseRay Nkonyeni kusukela ngo-2017.

Esitatimendeni esithunyelwe ngabakwamasipala, kuvela ukuthi uVanda ugule isikhashana wadlula emhlabeni.

Bathe mabili amakhansela ashone ngonyaka odlule, elilodwa lishone ngoJuni, elesibili lashona ngoJulayi, kulo nyaka kushone elinye ikhansela ngoFebhuwari njengoba sekulandela uVanda.

IMeya yaseRay Nkonyeni, uNkk Nomusa Mqwebu, idlulise amazwi enduduzo emndenini kaVanda yathi izomkhumbula njengomholi obekhaliphilile obesebenza ekomitini elibhekele izidingo zomphakathi.

Uthe uVanda waba yikhansela lakwa-ward 28 emuva kokhetho lokuchibiyela olwalungo-Okthoba 28 ngonyaka odlule.

Akukaziwa ukuthi uzofihlwa nini uVanda njengoba umndeni wakhe usazohlangana wenze amalungiselelo kanti abakwamasipala bathe bazokwazisa umphakathi ngamalungiselelo uma sebenikwe yonke imininingwane.

Isithombe: SITHUNYELWE

UMNUZ Sibusiso Lawrence Vanda yikhansela lesine elishonile kusukela ngoJuni ka-2017 kuMasipala iRay Nkonyeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.