Kushone inkakha ebifundisa onesi

Isolezwe - - IMIBONO -

PHILI MJOLI KUWE umuthi omkhulu emkhakheni wezempilo, KwaZulu-Natal.

UNkk Khulelaphi Phyllis Zondi ongomunye wabasunguli bekolishi labahlengikazi elihlonishwayo, iChatsmed Candlelight Nursing School eseDalbridge, ushone ngeledlule.

UNkk Zondi uke waba umhlengikazi, wafundisa abahlengikazi esibhedlela ePrince Mshiyeni, wavula ikolishi lokuqeqesha abahlengikazi ngokubambisana nozakwabo uNkk Lillian Ntabiseng Lioma noNksz Nombuzo Mqadi ngo2002.

Udadewabo wasemzini, uSolwazi Hlengiwe Mkhize uthe udadewabo ubeyithanda imfundo. Uthe minyaka yonke ubenza izifundo ezintsha ngoba ubekholelwa ekutheni imfundo ayikhulelwa futhi ngeke uthi imfundo seyanele.

“Ushona nje ubesanda kuthola iMasters in Public Health abeyifunda online. Ngokweminyaka abenayo ubungeke ucabange ukuthi kunesidingo sokuthi afunde ngoba usenomkhakha asegxile kuwo kodwa ubefuna ukuba yisibonelo sokuthi imfundo ayikhulelwa,” kusho uSolwazi Mkhize.

Uqhube wathi ngenxa yekolishi lakhe kunabahlengikazi abaningi abenza umsebenzi oncomekayo ezikhungweni ezehlukene zempilo.

Inkonzo yomngcwabo kaNkk Zondi izoba sesontweni iSeth Mokitimi Methodist Seminary, eScottville, eMngungundlovu, ngoMgqibelo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.