Bazishaya isifuba ngokukhula kwaHaval

Isolezwe - - EZEZIMOTO -

BAZISHAYA isifuba kwaHaval eNingizimu Afrika njengoba bethi badlondlobale ngo-500% ezinyangezini ezingu-10.

Le nkampani ifike kuleli ingaziwa kangako kodwa kuthiwa eChina iyintandokazi njengoba yiyo enamaSUV adayisa ubuthaphuthaphu. Kuthiwa kudayiswa angaphezulu kuka-1 million ngonyaka.

IHaval yizimoto zakwaGWM kodwa ezithe thuthu ngokwezinga futhi bathe akubethusi ukwenza kahle kwabi ngenxa yokuthi bakha izimoto eziseqophelweni eliphezulu. Lapha kubalwa iHaval H2 kanjalo neHaval H6 C.

Umqondisi wakwaHaval SA, uCharles Zhao uthe: “Njengoba nazi ukuthi saqala ngamagaraji amathathu sithi sidayisa kancane ngoJuni 2017 kodwa ngenxa yokwesekwa yimboni, sesikhule safika kwangu-29 ezweni jikelele.”

Uthe inhloso yabo wukuthi basonge lo nyaka sebenamagaraji angu-35 ezweni jikelele. Uthe futhi bazoqhubeka nokunikeza amakhasimende abo izimoto eziseqophelweni eliphezulu futhi eziphephile.

IHaval H2 kwezokuphepha yathola izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa ngabe A-NCAP e-Australia. Ngakolunye uhlangothi iH6 nayo iphuma nengqwaba yezinto zozkuphepha.

Le nkampani iphinde yadalula ukuthi ngoSepthemba izokwethula iHaval H9 elayisha abagibeli abayisikhombisa.

Ukugubha unyaka ikhona ithe izoba nezipesheli ezikhona emagaraji ayo kuze kuphele inyanga.

HAVAL H6 C

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.