UMasipala weTheku neSABC baxoxa ngamaMetro Awards

Isolezwe - - IZINDABA - FANELESIBONGE BENGU

IZIMPUKANE eziluhlaza ziwakhomba eThekwini amaMetro FM Awards okuze kube manje okungacaci ngawo.

Ngokuthola kweSolezwe kuthiwa kunezingxoxo ezikhona phakathi kukaMasipala weTheku nezikhulu zeSABC ukuze imiklomelo iphinde isingathwe eThekwini.

“Siyaxoxa, sikhuluma nawo wonke umuntu, hhayi uMasipala weTheku kuphela. Sikhuluma nawo wonke umuntu onentshisekelo yokuwasingatha,” kusho okhulumela iSABC, uKaizer Kganyago.

Uthe kuzoncika ezingxoxweni ukuthi azogcina esingathwe kulo nyaka yini noma cha.

“Uma egcine engenzekanga futhi kulo nyaka ngeke sixhamazele ngoba sifuna yonke into yenzeke ngendlela,” kuchaza uKganyago.

Abaphathi beMetro baphezu kwezinhlelo zemicimbi yabo yaminyaka yonke ehambela emadolobheni ahlukene iMetro FM Heatwave.

Ngonyaka odlule umcimbi wawuseYadini, eMlaza.

“Bafuna ukuthi ngemuva kwawo bese kuba yimiklomelo. Wona uzosebenza njengomcimbi wokukhangisa ngemiklomelo. Kusaxoxwa kodwa,” kusho umthombo.

IPhini leMenenja kaMasipala weTheku, uPhilip Sithole, liphendule ngeSMS lathi: “Azikho izingxoxo.”

AmaMetro FM Awards awabanga khona ekuqaleni konyaka njengenhlalayenza. Ukungacaci ngawo kuqale ukugqama ngasekupheleni konyaka odlule ngesikhathi kuthuleka engathulwa futhi nabaculi bengacelwa ukuthi bathumele imingenelo.

Isithombe: TIRO RAMATLHATSE

UKAIZER Kganyago, okhulumela iSABC, uthe baxoxa nabantu abahlukene mayelana nokuhlelwa kwamaMetro FM Music Awards

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.