Ithimba elizosebenza izikhalo zababhikishayo komasipala

Isolezwe - - IZINDABA - INTATHELI YESOLEZWE

KUZOBUNJWA ithimba elizobhekana nezikhalo zabantu ababhikishayo bakumasipala waseBuhlebezwe nowaseHarry Gwala.

Lokhu kuvele emhlanganweni weKhabhinethi, obuyizolo lapho kuzwakaliswe ukukhathazeka ngemibhikisho eqhubekayo kule mikhandlu, ethinta ukuhanjiswa kwezidingo.

Isitatimende seKhabhinethi, sithe le miphakathi ivimbe imigwaqo yacekela phansi nempahla.

“Kuzobunjwa ithimba elifaka izisebenzi ezimnkantshubomvu ukubhekana nezikhalo zale miphakathi.

Lokhu kuzokwenabela kuzona zonke izifunda ezinenkinga efanayo lapho imiphakathi isuke ibhikisha, ukuze kwehliswe izehlakalo zokucekelwa kwempahla.”

Isitatimende sithe kululwe nochungechunge lwemikhuleko ngezinyanga ezintathu.

Le mikhuleko ethulwe nguNdunankulu, uMnuz Willies Mchunu yayihlelelwe inyanga eyodwa kodwa ngenxa yokwesekwa yimikhakha ehlukene, okubalwa namabandla salulwa isikhathi.

“Sinethemba lokuthi amabandla amakhulu azoba yingxenye yale mikhuleko.

Kuvele nokuthi lesi sifundazwe silungiselela ingqungquthela yokuqala, i-International Telecommunications Union (ITU) Conference in Africa, ezoba se-International Convention Centre (ICC) eThekwini kusuka ngoSepthemba 10-13, nonyaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.