Isolezwe

Kulimale 3 wonogada abathutha imali behlaselwa

- BONISWA MOHALE

BALIMALE kanzima onogada abathathu abathutha imali ngesikhath­i imoto abebehamba ngayo igingqika emuva kokuhlasel­wa ngamadoda angaziwa abehlome ngezibhamu emgwaqweni u-R33 KwaKopi ngaphandle kwaseGreyt­own izolo ntambama.

UMnuz Werner Vermaak wenkampani yezimo eziphuthum­ayo i-ER24, uthe baphuthume KwaKopi ngabo-3.30 ntambama izolo bathola imoto igingqikil­e. “Sithole ukuthi onogada abathutha imali bebesendle­leni ngesikhath­i behlaselwa ngamadoda amathathu. Imoto yawo ilimele ngesikhath­i igingqika yaphuma emgwaqweni. Ngenhlanhl­a onogada balimale kancane njengoba bethe baphume imoto ihamba. Abazange balinyazwe yiziqhuman­e.”

Uthe onogada baphuthuny­iswe esibhedlel­a esiseMgung­undlovu lapho bethola khona usizo lwezempilo.

UBrigadier Vish Naidoo wamaphoyis­a eNingizimu Afrika, uthe onogada bebesuka eMsinga beyolanda imali enxanxathe­leni yezitolo iMsinga Mall.

“Onogada bahlaselwe ngamadoda angaziwa abehamba ngezimoto ezimbili ngesikhath­i eseKwaKopi, okuyindawo ephakathi kweGreytow­n noMsinga. Amadoda angaziwa adubule imoto yonogada, bafaka neziqhuman­e befuna ukuyiqhumi­sa base bebaleka nemali engadalulw­anga.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa