IPhalamende leseka iSAA esiphakamisweni sayo

Isolezwe - - IZINDABA - MARY JANE MPHAHLELE

IPHALAMENDE liyakweseka ukuthi inkampani yamabhanoyi kahulumeni iSouth African Airways (SAA) ithole inkampani ezimele ezosebenzisana nayo ukuze ikwazi ukwenza imali.

I-SAA ize nalesi siphakamiso emuva kokuthi inyunyana yabasebenzi iSolidarity ithe kufanele ifakwe ngaphansi komlawuli ngoba ihlale itakulwa njalo nguhulumeni.

USihlalo wekomiti lezeziMali ePhalamende, uMnuz Yunus Carrim uthe bayayenza imizamo yokuthi iSAA ithole inkampani ezosebenzisana nayo ukuze ilungise isimo sayo sezimali.

“Sikholwa wukuthi iSAA kufanele ihlale inamasheya amaningi ngoba le nkampani ekahulumeni. Asifuni isiphakamiso seSA efuna iSAA ithengwe ngabanye abantu njengezinkampani ezizimele,” kusho uCarrim.

I-SAA isebenzise budedengu uR125.9 million yachitha uR40.4 million ezinhlelweni ezingenasidingo ngonyaka wezimali odlule.

Ayikaze yenze inzuzo kusukela ngo-2011, kuvele nokuthi ilahlekelwe nguR5.6 billion ngonyaka odlule kuze kube nguMashi nonyaka.

“Singajabula uma iSAA ithola inkampani ezosebenzisana nayo ngoba kufanele yenze imali manje. Sifuna ukubona ushintsho kule nkampani,” kusho uCarrim.

UMnuz Floyd Shivambu we-EFF uthe ngeke bazeseke izinhlelo zokuthi iSAA ithole inkampani ezosebenzisana nayo bebe bengazi ukuthi lolo hlelo luzosebenza kanjani nokuthi kuzosho ukuthini kubantu bakuleli.

Uthe bafuna uhulumeni aqhubeke nokuphatha iSAA.

UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM ithe kuzoyisiza iSAA ukuthi ithole inkampani ezosebenzisana nayo ngoba bakhathele wukuyitakula ngemali yabakhokhi bentela.

“Asifuni ukuba nesikhungo lapho uhulumeni ezoba namasheya amancane. Sifuna uhulumeni abe namasheya amaningi hhayi u-10% okuzosho ukuthi akanalo izwi,” kusho uKwankwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.