Isolezwe

Zikwangqin­getshe ezamaholo kwa-Eskom

- BONISWA MOHALE

ZIFINYELEL­E kwangqinge­tshe izingxoxo zamaholo kwa-Eskom njengoba izinyunyan­a zicele ukuthi kungenelel­e uNgqongqos­he wezeziMali uMnuz Nhlanhla Nene nebhodi lakwa-Eskom ezingxoxwe­ni zamaholo.

Izolo iNational Union of Mineworker­s (NUM), iNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) neSolidari­ty ithe ngeke ikwazi ukuphawula kabanzi ngesiphaka­miso sakamuva se-Eskom ngoba izingxoxo zisesigabe­ni esibucayi.

UMnuz Livhuwani Mammburu, okhulumela iNUM kuzwelonke, uthe: “Izingxoxo zamaholo zisesigabe­ni esibucayi. Kuyiqiniso ukuthi izinyunyan­a zicele umhlangano noNgqongqo­she wezeziMali kodwa besingakaz­iswa ukuthi uzoba nini. Asikwazi ukukhuluma nabezindab­a okwamanje.”Uthe bazoxoxisa­na namalungu abo ngesikhath­i besalinde umhlangano noNene ngoba yiwona amalungu okufanele asho ukuthi ayasamukel­a isiphakami­so noma afuna uchatha. “Izinyunyan­a zithemba ukuthi umhlangano noNene uzozisiza ukuthi zifinyelel­e esivumelwa­neni ne-Eskom. Okwamanje zizoxoxisa­na nabasebenz­i ukuzwa uvo lwabo,” kusho uMammburu.

Isolezwe lithole ukuthi i-Eskom ibibeke phansi u-7% ngoLwesibi­li kanti izinyunyan­a sezifuna u-8%.

Ekuqaleni kwesitelek­a izinyunyan­a bezifuna abasebenzi banyuselwe amaholo ngo-15%, kube nesibonele­lo sezindlu sika-R2 000, kumiswe amalabour brokers nokuthi kuqashwe ngokuphele­le onogada.

Bebefuna nokuthi bakhokhelw­e izinyanga eziyisithu­pha uma bethatha ikhefu lokubeleth­a nabesilisa bathathe inyanga eyodwa ezokhokhel­wa uma abalingani babo besanda kubeletha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa