Angivumelani nhlobo nesazimasiko ngomshado wesibili
MHLELI: Ngicela uke ungiphe ithuba ke ngiphawule ngodaba engilubone kwelakho. Kulolu daba kwakukhulunywa ngokulotsholwa komuntu oshadile uma esegana enye indoda.
Ngifisa ukuphawula kanjena. Zintathu izinhlobo zemishado ezikhona kubantu. Olokuqala wumshado kaNkulunkulu oluhlanganiswa wumfundisi abophe ifindo likasofasilahlane.
Kulolu hlobo lomshado akukho ukwehlukana ngaphandle kokuthi kube khona ofayo kulabo ababopha ifindo. Isaphila indoda umfazi akanakugana enye indoda ngaphandle kokuthi bahlukaniswe wukuphinga.
Angikuphawule ukuthi akushiwo lutho ngendoda ukuthi ingaganwa yini womunye umfazi esaphila owokuqala. Lokhu sikuthola esifundisweni sikaJesu encwadini kaMathewu 19 vs 1-12.
Uma indoda isifile lowo mfazi usekhululekile ukugana enye indoda ngaphandle kokuba nesono sokuphinga.
Kulolu hlobo-ke lomshado akukho mgomo mayelana nokulobola kodwa-ke njengabantu kungaba wukuthi njengoba kuthiwa usekhululekile kusho ukuthi ubuyela kubo. Uma kukhona-ke ofuna ukumshada angalobola kubo kowesifazane, bese kuthi uyise noma abakubo bahambise ilobolo kubo kwendoda eyashonayo. Lokhu kungumbono wami njengalokhu singekho isilawulo sezenkolo kulolu daba.
Owesibili umshado ngokahulumeni. Kulo mshado nakube kuye kube ngabefundisi abasayinisa abashadayo amaphepha kodwa lokho basuke bekwenza egameni likahulumeni eMnyangweni wezaseKhaya.
Lapha kukhishwa isitifiketi somshado esiyisivumelwano ezindabeni zamafa abashadayo. Kulolu hlobo lomshado ongasafuni ukuba kulowo mshado unelungelo lokwehlukanisa njengokwesivumelwano abasenzayo. Sebenelungeloke lokuqhubeka nempilo njengokufisa kwabo.
Nakulo mshado asikho isilawulo ngokwelobolo. Owami umbono uyafana nohlobo lokuqala olungenhla ukuthi uyise kamakoti kumele axoxe nabomshado wokuqala ngoba akanakudla ilobolo amagemugemu ngomuntu oyedwa ngoba kusengenzeka baphinde futhi bahlukane nomyeni omusha agane omunye futhi.
Olwesithathu uhlobo lomshado wumshado wesintu. Kulo mshado akukho ukwehlukana ngisho indoda seyifile uyahlala owesifazane emzini angenwe abafowabo bendoda. Kungenjalo uma kungavunyelwana uyahlala engenandoda. Uma kwenzeka ehamba emahlangeni eyotheza azithuke esekhulelwa, lowo mntwana ubalelwa endodeni yomshado.
Kulolu hlobo lomshado kunomgomo welobolo. Njengoba sengishilo, umfazi oqholisiwe akaphinde aqholiswe ngenye indoda ngisho ingasekho eyomgcagco.
Manje-ke nginokungavumelani nesazi masiko esiphawule kulolu daba kwaba sengathi kukhona okungenziwa ukulobola umshadikazi ngokwesintu.
Umshadikazi ofelwe yindoda wangavuma ukungenwa uyasabalala nje nempilo kodwa ithuna lakhe lilapha egcagcele khona.
Kulo mshado, ngisho umfazi ephingile akalahlwa kodwa uyahlawula ngalokho okulawulwe ngabasemzini, bese umyeni wakhe eqhubeka naye sengathi akwenzekanga lutho ngoba usemgezile (umyeni) echilweni amfake kulo. Sibusiso Nduli EMGUNGUNDLOVU