UMasipala uhlaba ikhwelo kosomabhizinisi

Isolezwe - - EZOMNOTHO - INTATHELI YESOLEZWE

ZIYAPHELA izikhala zokukhangisa imikhiqizo embukisweni wamabhizinisi kaMasipala weTheku obizwa ngeNorth Regional Business Fair ezoba ngoAgasti 17 iphele ngo-Agasti 19, eBridge City Mall eNanda.

UMasipala weTheku uthe kusele izikhala ezingaphansi kuka-40 futhi abantu ababhalise kungakafiki uJulayi 20.

Lo mbukiso wezinsuku ezintathu uzohlanganisa osomabhizinisi abancane nabakhulu ukuze bacobelelane ngolwazi oluzosiza abancane ukuthi bakhule.

IMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede ucele osomabhizinisi ukuthi bangene kwiNorth Regional Business Fair ukuze bavule amathuba omnotho emalokishini.

“Umbukiso ubalulekile eThekwini ngoba unikeza osomabhizinisi abancane ithuba lokukhangisa imikhiqizo yabo. Siyakholwa wukuthi uneqhaza elibalulekile ekuthuthukiseni umnotho nokudala amathuba omsebenzi amasha,” kusho uNkk Gumede.

Uthe kulo nyaka umasipala ube nemibukiso emithathu yamabhizinisi amancane eyodwa ebe seNingizimu yeTheku, eNtshonalanga yeTheku naseNyakatho yeTheku futhi kugujwa iminyaka engu-20 kwasungulwa iDurban Business Fair.

Ukubhalisela umbukiso weNorth Regional Business Fair kubiza uR200.

Amafomu atholakala ophikweni lweBusiness Support, Tourism and Markets Unit elise-199 Anton Lembede (Smith) Street enkabeni yeTheku nakumahhovisi kaSizakala nasemahhovisi ekhansela.

Ayatholaka nangokungena ku-www.durban.gov. za.

Umbukiso wamabhizinisi aseNingizimu yeTheku obizwa ngeSouth Region Business Fair uzoba ngoJulayi 27 uphele ngoJulayi 29 KwaMnyandu Shopping Centre eMlaza.

Ukungena kulo mbukiso kumahhala.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa

© PressReader. All rights reserved.