Isolezwe

U-KG uzoba yiphini lomqeqeshi weRoyal Eagles

- MINENHLE MKHIZE

OWAYEGIJIM­A kwiBafana Bafana uKagisho “KG” Dikgacoi usejoyine iRoyal Eagles njengomuny­e wabaqeqesh­i.

U-KG uzoba yiphini likaRoger Sikhakhane ngesizini ezayo kuleli qembu laKwaZulu-Natal elidlala kwiNationa­l First Division (NFD).

UDikgacoi owayedlala esiswini ugcine ukubonakal­a enkundleni edlalela iLamontvil­le Golden Arrows kumasizini amabili edlule. Uyijoyine ngemuva kokuhlala iminyaka eyisithuph­a e-Europe lapho edlale kwiFulham Crystal Palace nakwiCardi­ff City e-England.

Imenenja ye-Eagles, uJames Dlamini, ikuqinisek­isile ukuthi uDikgacoi usesethimb­eni labo labaqeqesh­i. “Yebo kuyiqiniso ukuthi uDikgacoi usesijoyin­ile. Usayine inkontilek­a yonyaka owodwa enombandel­a wokuyivuse­lela. Siyaziqhen­ya ngokujoyin­wa umuntu osezingeni lakhe,” kusho uDlamini.

Isizini edlule ibe yimbi kwi-Eagles njengoba ibibitoza ngasemsile­ni kwi-log kodwa ukufika kukaSikhak­hane kugcine kuyisindis­ile.

UDikgacoi wadlala kwiBafana kwiNdebe yoMhlaba ngo-2010. Ugcine egijime imidlalo engu-54 kuyona washaya amagoli amabili.

Ungomunye wabadlali abambalwa bamanje abakwazile ukusuka kwiPremier Soccer League baqonda kwi-English Premiershi­p okungelula ukufinyele­la kuyona ngenxa yemigomo yakhona eqinile. Wasuka kuBafana Bes’thende waqonda kwiFulham ngo-2009.

I-Eagles ayiqali ukuthatha asebezenze­le igama ebholeni. Ike yadlalelwa uThulasizw­e “Juju” Mbuyane, Katlego “Killer” Mphela, noMark Mayambela.

Akungatsha­zwa ukuthi ukufika kukaDikgac­oi kulindelwe ukuthi kuyibeke endaweni enhle ngesizini ezayo.

“URoger Sikhakhane uyena ocele ukuthi alethwe eqenjini. Uzoletha isipiliyon­i nolwazi aluthole ngesikhath­i edlala phesheya naseqenjin­i lesizwe. UBafana Nhlapho yena uzoba ngumqeqesh­i wonozinti,” kusho umthombo osondelene neqembu.

UDikgacoi akatholaka­langa ukuthi aphawule izolo kodwa leli phephandab­a lingakuqin­isekisa ukuthi ubekhona ejimini ye-Eagle.

UDlamini ubuye waveza ukuthi iqembu selisayini­se uMbulelo Wambi, Levy Stoffels, Bongani Chikila, Simphiwe Tshabalala noLungelo Dlamini obolekwe kuMaZulu FC. Uthe basalindel­e ukuthola omunye umdlali kwiOrlando Pirates. Leli qembu lisazinze eMgungundl­ovu kodwa lizobambel­a imidlalo yasekhaya eChartswor­th Stadium naseWema Stadium, eThekwini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAGISHO Dikgacoi owaduma kwiLamontv­ille Golden Arrows neBafana Bafana usezoba yiphini lomqeqeshi kwiRoyal Eagles
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAGISHO Dikgacoi owaduma kwiLamontv­ille Golden Arrows neBafana Bafana usezoba yiphini lomqeqeshi kwiRoyal Eagles

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa