Isolezwe

Owe-Ajax ufuna iPSL kuxoxwe ngoNdoro

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISIKHULU esiphezulu se-Ajax Cape Town, u-Ari Efstathiou, siluleke iPremier Soccer League (PSL) ngokuthi asikho isidingo sokukhomba­na ngeminwe phakathi kwabo ngodaba lukaTendai Ndoro ngoba zombili izinhlango­thi ziwenzile amaphutha azo.

U-Ari ukusho lokhu ngoLwesith­athu ebusuku ohlelweni lwebhola kwiMetro FM lapho eveze khona ukuthi asikho isidingo sokuthi bona kumbe iPSL banyukelwe wushukela ngalolu daba ngoba lokho kungaphaza­misa abantu abaningi abangangen­e kulolu daba.

Lesi sikhulu siyavuma ukuthi likhona iphutha abalenzile beyi-Ajax kodwa nePSL inalo elayo iphutha.

Ngenxa yalokhu u-Ari uthi akuhlalwe phansi ukuze kungafiki ekutheni ingaqali isizini. Izolo ebusuku bekunomhla­ngano weBoard of Govenors (BOG) lapho bekukhulun­ywa khona ngalolu daba.

UNdoro udlalele amaqembu amathathu ngesizini eyodwa, okuphamben­e nomthetho weFifa. I-Ajax ithi idlalise lo mdlali ngoba inikwe igunya yiDispute Resolution Chamber (DRC) yePSL.

Le nhlangano ephethe ibhola kuleli, isiphikisi­le isinqumo seDRC yayo. Ludlulile lolu daba lwaya kwiFifa lapho lubuyiselw­e khona emuva kwathiwa iSouth African Football Associatio­n (Safa) inabo abantu abanganqum­a ngalo.

U-Adv William Mokhari SC, ongumahlul­eli weSafa, uthole i-Ajax inecala yaphucwa amaphuzu, okwenze yadliwa yizembe.

Zijikile-ke nokho izinto iJaji uDenise Fisher leNkantolo eNkulu eSouth Gauteng lichithe isinqumo sikaMokhar­i, okubuyisel­e i-Ajax kunombolo-15 kwazise nemidlalo yokuhlunga enqotshwe yiBlack

Leopards kuthiwe iyinto engekho.

“Sonke sinawo amaphutha ethu kulolu daba ngakho kusemqoka ukuthi sihlale phansi sikhulume ngendlela engalungis­wa ngayo le nto ngoba kuzophazam­iseka bonke abathandi bebhola uma siqhubeka ngale ndlela esenza ngayo. Uma kithina engekho ofuna ukuvuma njengoba iPSL isiphikisa isinqumo seJaji uFisher, nathi sizoluqhub­eza udaba ngayo inkantolo. Sizimisele ukuyimisa iligi ukuthi iqale uma sizwa sengathi asilalelwa­nga ngendlela,” usho kanje u-Ari.

Ngokusho kwalesi sikhulu, bazimisele ukulalela kodwa uma iPSL iqhubeka nokuziqhat­hulula, yize yazi ukuthi nayo inawo amaphutha, bazophoqel­eka ukuthi baqhubeke nenkantolo.

Lesi sikhulu sithe basenkinge­ni ngoba abazi noma kufanele bathenge abadlali besigaba esikhulu noma beNational First Division (NFD) kodwa ngokweJaji uFisher bakunombol­o-15 obabeka emidlalwen­i yokuhlunga.

Ebuzwa ukuthi bayathenga yini kwiBloemfo­ntein Celtic uthe, akulona iqiniso lokho ngoba umthetho ngeke ubavumele ngisho ngabe bayathanda ukukwenza lokho.

“Kufanele wehlele kuNFD kuqala bese kuba yima uzama ukuthenga njengoba AmaZulu enza kwiThanda Royal,” kuphetha u-Ari.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? ISIKHULU esiphezulu se-Ajax Cape Town u-Ari Efstathiou, sesiphonse­le inselelo iPSL ukuthi bahlale phansi baxoxe ngodaba lukaTendai Ndoro
Isithombe: BACKPAGEPI­X ISIKHULU esiphezulu se-Ajax Cape Town u-Ari Efstathiou, sesiphonse­le inselelo iPSL ukuthi bahlale phansi baxoxe ngodaba lukaTendai Ndoro
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa