Isolezwe

Isicelo sowoKlebe kolwamabho­mu

- BONISWA MOHALE

UBRIGADIER Hangwani Mulaudzi woKlebe, utshele Isolezwe ukuthi basebenza kanzima ukuthungat­ha abantu abasabisa ngokuthi kunamabhom­u ezinxanxat­heleni zezitolo eThekwini namaphethe­lo.

UMulaudzi usho lokhu emuva kokuvela kwemibiko yokuthi bazoboshwa maduze abasabisa ngamabhomu ngoba amaphoyisa ayabazi.

“Baziwa wobani abantu abasabisa ngamabhomu? Buzani labo ababhale lokho ngoba thina sisebenza kanzima ukuthungat­ha abasabisay­o. Sisanxusa umphakathi ukuthi wehlise umoya ngoba senza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi abathintek­ayo kulolu daba bayaboshwa futhi bashushisw­e, kuyicala ukusabisa ngokuthi kunebhomu libe lingekho,” kusho uMulaudzi.

Ngesonto eledlule abathengi nabasebenz­i bezitolo eziseCornu­bia Mall bakhishelw­e ngaphandle emuva kokuthi abaphathi bethole ucingo obeluthi kunebhomu kulezi zitolo.

Amaphoyisa ophiko lweziqhuma­ne abheke yonke indawo kodwa angalithol­a ibhomu kuphinde kwasatshis­wa ngokuthi kunebhomu esiteshini samaphoyis­a sasePhoeni­x nasebhilid­ini elisenkabe­ni yeTheku.

Phambilini kutholakal­e iziqhumane enxanxathe­leni yezitolo iPavilion Shopping naseGatewa­y.

Esinye isiqhumane satholwa ngaphansi kwemoto eyayipakwe eGreyville.

UMnuz Willem Els oyitrainin­g co-ordinator for counter terrorism e-Institute for Security Studies (ISS), uthe izigameko zamabhomu zigcwele kakhulu eThekwini kodwa abantu akufanele baphakanye­lwe wumoya kodwa abalinde amaphoyisa ukuze abanike imininingw­ane egcwele ngalesi simo.

Uthe okwamanje ngeke bakuqinise­kise ukuthi amabhomu enziwa ngabashoko­bezi kodwa iziqhumane ezitholake­le zifana nalezo ezisetshen­ziswa yibona.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bahlale beqaphile futhi bangazithi­nti izinto ezibukeka njengemish­ini emincane abangazazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa