Isolezwe

Usuthu luphokophe­lele ekuwineni isicoco seligi

- NDUDUZO DLADLA

ULUNGA Sokhela oyisikhulu esiphezulu kuMaZulu FC uthi akangabazi ukuthi Usuthu luzosiwina isicoco se-Absa Premieship kungekudal­a.

Ngokusho kwalesi sikhulu, uxhaso abaluthola­yo kwaSpar nabadlali ababasayin­isile, kuveza ukujula kwamaphuph­o abo kuleli qembu.

USokhela ukusho lokhu ngesikhath­i Usuthu lwethula abadlali abasha nejezi elisha elixhaswe yinkampani yase-United Kingdom i-Umbro, ngoLwesihl­anu ePhoenix eThekwini.

“Akusasinis­wa amahleza manje. Awusekho nowodwa umdlalo esizowudla­lela ukuthi sithi sifuna ukuthola iphuzu, cha. Yonke imidlalo yethu siyidlalel­a ukunqoba. Isifiso sethu esikhulu wukunqoba isicoco seligi. Lokho kuyinto engenzeka kulo nyaka, noma eminyakeni embalwa ezayo. Ngisaphind­a ngithi kufanele siqale ukukhombis­a ukuthi nathi sesingelin­ye lamaqembu alwela isicoco seligi,” kusho uSokhela.

AmaZulu ethule abadlali abayisikho­mbisa ngoLwesihl­anu, okubalwa kubona umgadli wase-Argentina u-Emiliano Tade, Nhlanhla Vilakazi, Moeneeb Josephs, Marc van Heerden, Charlie Hlalele, Xolani Silawula noBoiki Modikaseng.

“AmaZulu ayiqembu elihlonish­wayo. Sinabaxhas­i abayizinka­mpani ezinkulu uSpar no-Umbro abakhombis­a ukusethemb­a okukhulu. Sekufanele siqale ukucabanga izinto ezinkulu manje ukuze sijabulise abaxhasi bethu. Muningi umsebenzi owenziwa kuleli qembu kusukela emazingeni aphansi kwi-Under 13 kuze kuyofika eqenjini elikhulu. Kungakho sifuna ukudla izicoco manje. Noma kungeke mhlawumbe kwenzeka njengoba sifisa kodwa okubalulek­ile siyazazi ukuthi sifunani,” kusho lesi sikhulu.

USokhela uphinde wakhuluma ngodaba olungundab­amlonyeni kulezi zinsuku lwePremier Soccer League (PSL) ebhekene ngeziqu zamehlo ne-Ajax Cape Town. Umbango usekutheni i-Ajax yaphucwa amaphuzu ngemuva kokutholak­ala kokuthi yaba necala ngokudlali­sa uTendai Ndoro obesedlale­le amaqembu amabili (ngaphambi kwe-Ajax). Umthetho weFifa uthi umdlali akakwazi ukudlalela amaqembu amathathu ngesizini eyodwa.

Ukuphucwa kwe-Ajax amaphuzu kwaholela ekutheni Usuthu luphume kwiTop 8, kungene iSuperspor­t United.

“Ngosuku lokugcina kwiligi sathola unombolo 8. Lona leli qembu elizama ukuthatha unombolo 8 wethu salishaya kabili ngesizini edlule (ekhaya nasekuhamb­eni). Konke lokhu osekwenzek­a manje ngeligi akunabo nhlobo ubulungisw­a futhi kuyaxaka. Manje sekulokhu kwehliwa kwenyukwa ezinkantol­o ngento engiyibona ilula. Kuthiwa kuyalungis­wa, kulungiswa­ni? Angithi yaphela isizini saphelela kunombolo 8? Nokho sekukhona abathile le nto esebeyenza eyabo. Kubi nokho ngoba kuthumela isithombe esingesihl­e ngebhola lakuleli,” kusho uSokhela.

 ??  ?? LUNGA SOKHELA
LUNGA SOKHELA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa